UMSAKAZI wohlelo lwezemidlalo kuKhozi FM, uPhumlani Zulu, uvulele oweNanda FM, uBenedict “Eggs” Ngwenya, icala lokumshaya, emva kokuxatshaniswa wukuqomiselana intombi.
Ngokusho komthombo ingxabano kaPhumlani no-Eggs isuka kude besasakaza ndawonye kwiNanda FM, ngaphambi kokuba uPhumlani aqashwe wuKhozi, no-Eggs ajoyine i-East Coast Radio.
“Laba basakazi baqale lapho ukumonelana. Okushubise kakhulu ukuthola kukaPhumlani ukuthi u-Eggs ‘wamnikeza’ intombazane asola ukuthi iyagula. UPhumlani ube esesola u-Eggs ngokuthi ufuna ukumbulalisa ngale ntombazane. Ubesehamba emkhuluma kabi kwabanye abantu bezemidlalo, ikakhulukazi uma behlangana ezinkundleni zemidlalo,” kusho umthombo.
Uqhuba umthombo uthe, u-Eggs ubekhala nangokuthi uPhumlani utshela abantu ukuthi yena ukhonze ukuqonywa yizintombi zabantu.
Omunye umthombo uthe laba basakazi baficane kwenye indawo ekhanda izimoto eNanda, kanti bazophambana ngenkulumo.
“U-Eggs ube esesakaza ngezimpama uPhumlani. Ubethi usekhathele ukukhulunywa kabi nguPhumlani kubantu. NoPhumlani uzamile ukuzivikela nge-screwdriver ngaphambi kokugijimela esiteshini samaphoyisa lapho efike wavula icala,” kubeka umthombo. Isolezwe NgeSonto linazo izinkulumo eziqoshiwe zalaba basakazi. UPhumlani uzwakala esabisa u-Eggs ukuthi uzomkhuluma kabi kubaphathi beNanda FM nakubani omqashayo ukuze ajeze ngesenzo sakhe.
Emuva kwesigameko u-Eggs ufake i-video ekhasini lakhe leFacebook, lapho bekunendoda ebifuna ukukhuluma naye. Ube esebhala kuleyo video ukuthi uma kwenzeka etholakala eshonile, kumele umphakathi wazi ukuthi ubulawe yizinkabi azithunyelelwe nguPhumlani
Ethintwa u-Eggs wenqabile ukuphawula. Kunalokho uthumele isitatimende esibhalwe kanje: “Kube nokuphambana kwemibono phakathi kwami noZulu izolo ( ngoLwesihlanu olwedlule). Uyicacisile indaba yenkabi. Ngifisa ukuxolisa ngesenzo sami. Inkinga sesiyilungisile,” kubeka u-Eggs osakaza uhlelo lwasekuseni ngoMgqibelo phakathi kuka-6 no-9 ekuseni.
UPhumlani uqale wathi uzocela imvume yokuphawula kubaphathi bakhe ngaphambi kokwenqaba ukuphawula.
“ Ayikho into engizoyiphawula mayelana nalolu daba,” kusho uPhumlani owenza ingosi yezemidlalo kweZanamuhla nakweZangempelasonto.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi kunecala lokushaya eliphenywa ngamaphoyisa aseNanda.