UKing Sfiso uhlanganise le ngoma noSkyewanda noDJ Vitoto kanti iyingxenye ye-albhamu yokugubha iminyaka engu-60 kwaqala Ukhozi FM.
Selokhu iphumile isibe phambili kwi-top 20 yoKhozi FM futhi ibalwa nezinye izingoma ezidlalwa kakhulu emsakazweni.
“Ngacelwa ukuthi ngifake isandla kulo msebenzi. Ngenhlanhla umsebenzi uhlale ukhona ngoba lena yingoma esayenza ngonyaka odlule. Ivele yasimangaza indlela eyamukelwe ngayo okuyinto esifakela umsebenzi ngoba asikwazi ukuyilekelela, kumele sizame izindlela zokuthi ingasheshi ukuphupha. Ngesonto elizayo nje sizoqopha i-video yayo.”
Uthe le ngoma ibizoba nakwi-albhamu yakhe yokuqala ebizophuma ngale nyanga kodwa wakuhoxisa ukuyikhipha.
“Ihleli ivivile kodwa iphazanyiswe yiCovid-19. Uthaqa usifundisile ukuthi ukukhipha umculo ngalesi sikhathi akuwona umbono omuhle. Kumele uye kubantu udayise futhi ucule bukhoma. Njengamanje ingoma iphila emsakazweni nakwithelevishini kuphela igcine ingafikanga ezingeni.”
Uthe manje usezokhipha ngasekuqaleni konyaka ozayo.
UKing Sfiso ojoyine uKhozi FM ngonyaka odlule esuka kwiGagasi FM, wethula uhlelo iBhampa 2 Bhampa ngo-8 ebusuku ngoLwesihlanu neChillas ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Uthe yize engenankinga ngohlelo alwenzayo kodwa uma ithuba lokungena phakathi nesonto livela, angalijabulela.
“Ngidume ngokubizwa ngisabele. Akumele uma uNkulunkulu ekuvezela izinto bese wena uyanqaba ngoba kungenzeka ukuthi yilona thuba lelo onalo. Uzobe uzenzela phansi uvimba nesipho esiqhamuka kuye, kungcono ngihluleke ngizamile kodwa ngeke ngihluleke,” kusho uKing Sfiso.