UKWANDA kwezingozi zomgwaqo kwenze obika ngesiminyaminya kuKhozi FM, u-Ayanda "Ngwenya" Msweli, washicilela incwadi eluleka ngokuthi zinganqandwa kanjani. UMsweli ubhale incwadi esihloko sithi Qapheqolo Njengonwabu: Ngwenya.
Kuzokhunjulwa ukuthi uMsweli usebenze iminyaka eminingi eyiphoyisa lomgwaqo kwiDurban Metro ngaphambi kokuphothula iziqu zeB Tech Road Safety and Transport Management, eTshwane University of Technology.
Amava nolwazi anakho kwaze kwenza uhulumeni waseQatar wammema ukuba azocobelela abanye ozakwabo bamazwe ngamazwe engqungqutheleni eyayibizwa ngeRoad &Logistics Evolution Qatar Assembly and Expo ngoSepthemba 2019.
UMsweli uthe uhlukumezeke kakhulu engqondweni ngesikhathi ecwaninga kabanzi ngale ncwadi yakhe.
"Ngizithole sengiphathwa ukhwantalala ngenxa yezigameko ezihlasimulisa umzimba ebezichazwa ngabanye babantu abayizisulu zezingozi zemigwaqo."
Uthe kule ncwadi kukhona abantu abachaza ngokuthi wanqamuka kanjani imilenze yomibili kwaze kwaphoqeleka ukuba agcine esehamba nge-wheelchair emuva kokubandakanyeka engozini yomgwaqo.
"Lowo muntu wavuka wazithatha njengoba manje esengumethuli wezinkulumo ezakhaya," kusho uMsweli obuye abe yinxusa leRoad Safety eMnyangweni wezokuThutha.
Uthe akagcinanga lapho kodwa ubuye afundise amalungu omphakathi ukuthi kufanele athathe siphi isinyathelo uma evelelwa yingozi.
"Okokuqala kufanele ukwazi ukubhala umbiko ngaleyo ngozi. Kule ncwadi sikucebisa ngokuthi lowo mbiko uwubhala kanjani nokuthi ubaluleke ngani. Le ncwadi yenaba kabanzi ngobumqoka bokuphepha emgwaqeni."
Uthe umehluko phakathi kwencwadi iK53 neQapheqolo Njengonwabu: Ngwenya ukuthi eyakhe incwadi ayifundisi ngezimpawu zomgwaqo kuphela kodwa ikuthatha ikubeke ngezinto ezenzeka ngaphakathi nangaphandle komgwaqo.
Uthe kumthathe unyaka wonke elungiselela ukushicilela le ncwadi ngenxa yokuthi ubefuna ibe nolwazi olujule ngokudephile. "Alukho ulwazi olukule ncwadi engilususele ekhanda. Ngiqinisekisile ukuthi ngiyacwaninga ngokuthi ngixoxisane nabantu abathinteka ngqo."
Uthe inhlosongqangi ngale ncwadi ukulungiselela abashayeli ngaphambi kokuba bathathe uhambo.
Ngaphandle kokuba wumbhali nomsakazi, uMsweli ubuye abe wumsunguli wamaSANTACO Rank To Rank Awards nomjaho oqwashisa ngokubulawa kobhejane iQapheqolo Save The Rhino 21.KM Race.
*IQapheqolo Njengonwabu: Ngwenya itholakala ngoR320 (sekubandakanywe nezindleko zokuyithumela).