WILLEM PHUNGULA
UBHOKA uyakhahlela umsakazi woKhozi FM, uNonhlanhla 'Mdonso' Ngcobo ngokushiwo ngabasewakhe ukuthi umkwenyana wakhe ushone sebehlukene.
UMdonso ubeshade noMnuz Nathan Pottier (ongasekho) kodwa umfowabo kamufi uMnuz Trevor Kelly uthi uhambe emhlabeni bengasahlali ndawonye. Uthe umfowabo ubesefake amaphepha esehlukaniso enkantolo. UKelly uthi uMdonso unqumele ugwayi katiki umfowabo ukuba akhethe phakathi kwakhe nezingane. Uthe umfowabo uzame wahluleka ukubekezelela uMdonso, obengazifuni nokuzibona izingane zakhe azithole ngaphandle, wabe esemtshela ukuthi ukhetha izingane zakhhe abezithanda kakhulu.
"Umfowethu uzamile ukuhlenga umshado wakhe kodwa zangavuma izinto njengoba umakoti emnike umnqamulajuqu wokukhetha phakathi kwakhe nezingane. Umfowethu ube eseshiya endlini abebehlala kuyo, ngoJuni nyakenye," kuchaza uKelly.
Umufi ushade noMdonso evele esenezingane ezimbili komunye wesifazane. Bebengakatholi ngane emshadweni ngaphambi kokuba ashone.
Okunye athe ufuna ukukucacisa uKelly, wukuthi kakulona iqiniso ukuthi umfowabo washona engozini ye-ambulensi njengoba kwakubike Isolezwe. Uthe umfowabo wabulawa yiCovid-19 ephuthunyiswa esibhedlela.
UMdonso ubhoke ngolaka ethintwa yileli phephandaba, wathi uyakweshwama ukuthi yena ubesedivosa nomkhwenyana.
"Uthi wayethuleleni ukusho le nto umkhwenyana wami esaphila? Sebebeyangidivosa ngoba engasekho umkhwenyana wami. Ayikho yonke le nto eshiwo nguTrevor, uyangihlambalaza nje," kuzikhalela uMdonso.
Uthe umkhwenyana uze wahamba besathandana futhi behlala ndawonye eThekwini, waze wabuyela eShowe ngo-Okthoba ngoba eseqede umsebenzi ayewenza. Umkhwenyana ushone ngasekuqaleni kwenyanga kade beshade ngayo le nyanga ngonyaka odlule.
Ethintwa ngokushiwo nguMdonso uKelly, uthe bewumndeni banamaphepha angubufakazi bokuthi ubesemdivosa umfowabo umakoti. Uthe emva kwezinsuku ezimbili kushone umfowabo bathintwe ngabameli, bethi bafuna ukuqedela isehlukaniso kodwa umndeni wabatshela ukuthi akasekho umfowabo.
"Ngimtshelile umama wami ukuthi asimdedele athathe konke okukamfowethu uMdonso ngoba bebesashadile ngokwamaphepha kodwa thina kasisafune lutho oluzosihlanganisa naye," kusho uKelly.