UMAKADEBONA womsakazi weGagasi FM, uCollen Zondo, akusekude asishiye lesi siteshi asechithe kuso iminyaka engu-14.
UCollen (45), odabuka eMsinga, uthe yize abanye bedonsa iminyaka emisakazweni kodwa yena akaziboni ehlala isikhathi eside.
Lo msakazi, osanda kunikwa inkontileka entsha, wethula iGMS Afro Pop ngoMsombuluko ebusuku, GMS RnB ngoLwesithathu ebusuku ne-Urban Soul Radio ngeSonto ekuseni.
“Angiminci ngisho sekuyisikhathi sokwenza izinguquko ngoba ngiyazi ukuthi ngisuke ngisebenze ngokuzimisela unyaka wonke. Ngisuke ngilindele noma yini. Noma kungathiwa ‘siyabonga’ namhlanje ngeke ngibe nankinga ngoba ngisebenzile futhi maningi amathuba esengizidalele wona ngaphandle komsakazo,” kusho uCollen.
Ngesikhathi iGagasi, elineminyaka engu-16 likhona, limemezela izinguquko muva nje, umsakazi wohlelo lwasekuseni, uFelix Hlophe, wambonga ngokumvulela ithuba.
“UFelix wafika ezongena esikhaleni sami ngoMgqibelo ekuseni. Wangibuza ukuthi angene yini, ngathi mina ayikho inkinga akeze. Baningi nabanye engibasizayo kodwa kungcono kuzisholo bona,” kuchaza yena.
Uthe usele cishe nonyaka owodwa esakaza bese ethatha igxathu elilandelayo empilweni.
“Ngifuna ukuba wumphathi ngoba ngibona sengathi abaphathi abaphumi kahle ukuyobheka ithalente elisadinga ukuthuthukiswa. Kumele sivulele abanye amathuba. Kule minyaka edlule kulandwe osaziwayo bafakwa emsakazweni kodwa ngibona ngathi sekuzoshintsha futhi kubuyiselwe abantu abanethalente. Ngifuna ukufaka isandla lapho. Iminyaka emingaka ngisakaza ayiyona into encane, abangene nabafana abancane bathathe izintambo.”