MBALI KHANYILE
UMHOLI weDA KwaZulu- Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, ukhwele wadilika kuSABC ngomncintiswano woKhozi FM, nathi luxhaphaza amaciko ngokungawaniki ngisho indibilishi uma ingoma yawo ihlukanise unyaka ekubeni kuyiwo akhankasela amavoti.
UMncwango ozwakalise ukungagculiseki ngendlela okuqhutshwa ngayo lolu hlelo lwengoma okwehlukaniswa ngayo unyaka kulo msakazo, uthe sekuyisikhathi sokuthi abalaleli boKhozi FM namaciko ukuthi basukume bayeke ukuvumela ukusetshenziswa. Uthe inselelo kumele iphonselwe wona amaciko acacise ukuthi asafuna yini ukuxhashazwa yilo msakazo ongawaniki lutho emuva kokunqoba kweciko okusuke kuhlukaniswe unyaka ngengoma yalo nesuke isohlwini lweTop 10.
“Ukhozi FM lwenze imali engaphezulu kukaR2 million ngamaSMS okuvotelwe ngawo ingoma yonyaka. Bese kuthi uKhuzani “King Ndlamlenze” Mpungose eyedwa ngamavoti akhe enze uR1.4 million kodwa akatholi ngisho indibilishi. Bekunani nje ukuthi bathathe noma uR1 million uhlukaniselwe wonke amaciko akuTop 10 njengoba nesimo sokugasela kweCovid-19 siwalimaze kakhulu amaciko?” kubuza uMncwango.
Eqhuba enkulumeni yakhe ayinameke ekhasini lakhe, unxenxe wonke amaciko ukuthi angabe esavuma ukuba yingxenye yalolu hlelo alubize ngomsangano kuze kube wukuthi uKhozi FM luyazibophezela ekutheni lifake okungenani u60% wemali yamaSMS okuvota nozoya kulawo akuTop 10.
Abantu abaphawule ekhasini lukaMngcwango bahlukane phakathi ngokwemibono, abanye babo bevumelana nakuphawule kwiFacebook. Enye ingxenye ebiphawula, igxeke amaciko avumela ukuvotelwa ekubeni engazuzi lutho uma sekutonyulwa ingoma ehlukanisa unyaka. Abanye bebekhala ngokuxhashazwa, bevotiswa ngemali yabo abanganalo ulwazi lokuthi iphelela kuphi njengoba amaciko engahlomuli lutho.
Umkhulumeli weSABC obambile, uNksz Mmoni Seapolelo, uthe abantu abazohlomula ngabalaleli abathathu abaqagele ingoma ezohlukanisa unyaka.
“Imiklomelo ezotholwa ngabalaleli abathathu ngeyenani likaR60 000, R40 000 nelikaR30 000. Inhloso yesiteshi ngomkhankaso wengoma ehlukanisa unyaka, wukuthuthukisa umculo namaciko akuleli. Kumele kuqondwe ukuthi lo mkhankaso awukaze ube nomhlomulo oqondene nabaculi,” kusho uNksz Seapolelo.