ZINCONYWE kakhulu izinguquko ezenziwe iMetro FM njengoba isikhiphe uhlu lwezinhlelo nabasakazi abasha.
Kubhekwe ngabomvu ukubuya kukaTbo Touch kwiMetro FM njengoba ezoqala emoyeni ngo-Ephreli 1.
UTbo Touch washiya iMetro eminyakeni edlule wasungula isiteshi iTouch Central wabuye wazimela kwaba yiTouch HD.
Ubuya kwiMetro ukuzosakaza uhlelo lwantambama phakathi nesonto iThe Touchdown ngo-3 kuya ku-6. Abebesakaza lolu hlelo iKings of the Weekend uSphectacula noNaves banikezwe uhlelo olulodwa ngo-8 kuya ku-10 ebusuku ngoMgqibelo.
Phambilini ngalesi sikhathi bekungena uDJ Speedsta nohlelo i-Absolute Hip Hop osanda kushiya lwasala lubanjwe nguDJ Jawz.
Ezinye izinguquko zithinta ukujoyina kukaKhutso Theledi uMo Flava ohlelweni lwasekuseni phakathi nesonto.
UKhutso usuka kwiYFM lapho abesakaza khona uhlelo lwantambama phakathi nesonto iLady on Drive futhi ubehlale kulesi siteshi iminyaka engu-10.
UDineo Ranaka ngo-9 kuya ku-12 uzoqhubeka yedwa. Ngo-12 kuya ku-3 uLerato Kganyago uzojoyinwa nguProverb obuye aziwe ngokwethula ama-Idols SA.
Ngo-9 kuya ku-12 ebusuku ngoMsombuluko kuya kuLwesine sekuzongena uMo G oshiya uhlelo iThe Weekender ngoMgqibelo ngo-6 kuya ku-9 ekuseni. Luzothathwa nguMat Elle noManstoe Tsatsi ongumsakazi owayesakaza noDJ Fresh kwi-947.
UDJ Ph obengena ngo-1 emini akasekho. Kunalokho uDJ Sabby usezoqala ngo-9 kuya ku-12 bese kungena uKhanya “Kyeezi” Siyengo noNonqaba “Ms Cosmo” Rwaxa obesakaza kwi-5FM.
Uhlelo lukaDJ Oskido lusondezwe ngehora seluzoqala ngo-6 luphele ngo-7.
UDJ Mlu obengena ohlelweni i-Urban Beat ngoLwesihlanu nangoMgqibelo ngo-10 kuya ku-12 akasekho indawo yakhe ithathwe nguRyan The DJ.
Izinhlelo zangeSonto azishintshwanga.
KwiTwitter uTbo Touch ubesematheni bejabulela ukubuya kwakhe.
UChiovosky uthe uzoba yisizathu esizokwenza abuyele ekulaleleni lesi siteshi.
U-@johny_theblessd uthe: “Akekho ongatshela iSABC ukuthi idedele uTbo Touch manje, sesiyahluleka ukulinda manje.”
Ekhasini leSolezwe leFacebook uVusie S Mdletshe uthe uTbo Touch akabuye ngoba abalaleli bayamthanda.
“Awu bakithi oSphe noNaves sebezofunda ukuthi akudlalwa kwiMetro FM,” kusho uSandile Babaveeh Zulu.