CHARLES KHUZWAYO
YIZE engudadewabo womaskanda abahlonishwayo kuleli kodwa, uMinenhle "I-Advocate" Ngubane, uvele waphuma eceleni njengojosaka. UMinenhle, ongudadewabo kaMjik'jelwa "Ichalaha LikaShafuza" Ngubane noMnikezwa "Ismakwana SikaShafuza" Ngubane, ungumsakazi omusha wohlelo lukamaskandi kwiVibe 94.7 FM ngemiGqibelo ngo-7 ekuseni.
Ngesikhathi uMjik'jelwa, odlule emhlabeni ngo-2018, ethi nangakubo uyoze abe khona umsakazi, wayengazi ukuthi wayezophuma endlini kwabo.
Ngaphambi kokujoyina iVibe, uMinenhle useke wasakaza kwiDubane FM, Eantouch Radio nakwiSiyathuthuka FM, lapho ahlabana khona ngendondo yeBest Traditional Radio Show Award, futhi waqokwa nakumaSatma Awards, eminxeni weBest Community Radio Presenter Award. Uke wangenela inhlolokhono yoGubhu Lwami kwi-1KZN TV futhi wahlabana nakumncintiswano weLembe TV.
UMinenhle (25) odabuka endaweni yaseGreytown, uqale ukukhombisa ikhono emkhakheni wezokungcebeleka esafunda esikoleni, iSangweni CP, ngaphambi kokuba anikezwe ithuba lokuba ahole ikhwaya yokholo esikoleni esefunda uGrade 2. Esefunda uGrade 4, wacelwa wuthisha owayemfundisa i-Arts and Culture, uNkk Ncami Mchunu, ukuba abhale udaba ayezolufunda phambi kwabafundi.
Ubuciko nobunyoninco abukhombisa lapho, yikho okwaveza ikhono lakhe ekusakazeni nasekuthuleni izinhlelo zethelevishini. Wabuye wanikezwa indawo kaLady Capulet emdlalweni weshashalazi osihloko sithi Romeo and Juliet. Ngo-2010, wahlabana ngomklomelo we-Outstanding Perfomance emncintiswaneni owawenziwe wuMnyango wezobuCiko namaSiko eKZN.
"Kusukela lapho angibange ngisabheka emuva, bese ngithula izinkulumo ezakhayo emphakathini. Ngibhala izinkondlo nezindaba ezimfishane nokunye."
Nasemculweni wayengazibekile phansi njengoba agcina esesungula ikhwaya yesikole, wahlabana ngemiklomelo engaphezu kweyishumi emiqhudelwaneni esezingeni lesifundazwe. Uke waba yintatheli ebibhalela iphephandaba lomphakathi iGreytown Gazette.
Emuva kokuphothula u-matric ngamalengiso (njengoba athola iBachelor nama-distinctions amane), ube esethatha isinqumo sokuyokwenza izifundo zeDiploma in Media and Journalism ngo-2015. Ngalowo nyaka wangenela umncintiswano wokusakaza uhlelo lweSABC 2 iHectic Nine 9. Balithanda ikhono lakhe kangangoba waze wacelwa ukuba abe yi-guest presenter kulolu hlelo.
Nasemfundweni akazibekile phansi njengoba enza izifundo zubumeli e-University of South Africa (Unisa) futhi ungumsunguli weMinenhle Broadcasting Academy.