CHARLES KHUZWAYO
UKHISIMUSI uzosheshe ufike kubafelokazi kulo nyaka njengoba umethuli wohlelo i-Simandlasekusa Ngempande kwiVuma 103 FM, uDkt Njongo Gumede, ezonikela kubo ngesamba sikaR500 000.
UNjongo, obuye abe ngumelaphi wendabuko, uhlele indumezulu yomcimbi wokugubha amagugu akuleli ngenhloso yokuqongelela lesi sizumbulu. Uthe kumphatha kabi uma ethola izingcingo kubafelokazi ngamaholidi kaKhisimusi, bekhala ngokuthi kabazi bazolala bedleni.
"Ngibe senginxenxa abantu ukuba bafike kwami eNtuzuma G, ngoSepthemba 25 ukuze ngikwazi ukuqongelela lesi samba engizosinikelela kubafelokazi ngokhisimusi wabo ozokuba ngoDisemba," kusho uNjongo ongena ngoMsombuluko kuya kuLwesine ngo-12 ebusuku.
Uthe ufuna abafelokazi bathenge ukudla nezingubo zokuswenkela uKhisimusi.
UNjongo uzobe engaqali ukutakula umphakathi ngabafelokazi kodwa kunabafundi abafake ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Uthe unxuse abantu abazimisele ngokuba yingxenye yalo mcimbi ukuthi basheshe babhalise ngoba ngeke eqe esibalweni esithile elandela imithetho yokuvalwa kwezwe evimba ukusabalala kobhubhane.
"Ngalolu suku sizobe selapha futhi siphulukisa abantu ezifweni ezinhlobonhlobo. Abangasebenzi nabanezinkinga zomendo, abafike."
Khonamanjalo uNjongo uzobe eyingxenye yomcimbi wokuqongelela uxhaso lomkhankaso wokulwa nokuhlukunyezwa kwabantu abanebala elimhlophe iNdishi Albinism Awareness Fundraising Day eDurban Station (ngakwaSassa) ngoNovemba 6 kusukela ngo-2 ntambama. Kulo mcimbi kungenwa ngoR120 nangoR300.