BENGIXOXA nozakwethu ngezinguquko ezenziwe muva nje emisakazweni embalwa.
Ungitshele ngabantu baphawula kwiFacebook ngezinguquko kanti lokho akuyona inkinga ngoba nami nginawo umbono.
Zisuka nje, kukhona abagxekayo kanti ngakolunye uhlangothi kukhona abancoma abakuzwa kubasakazi.
Ngizibuzile nokho ukuthi ngabe abasakazi ezinhlelweni zabo ezintsha, kumele sibanikeze isikhathi esingakanani ngaphambi kokuthi siqale sigxeke noma sincome?
Kuphela inyanga imisakazo yeSABC yenze izinguquko emoyeni kanti kwiGagasi ziqale kwephezulu kanti ushintsho lwaqala ngoFebhuwari kwiVuma FM.
Muva nje, omunye umsakazi uMzokoloko, utshele Isolezwe ukuthi njengoba eqeda izinyanga ezintathu ekwiVuma, yima ezoqala ukusebenzisa amaqhinga anawo ngoba ubesazijwayeza indlela yokusebenza nozakwabo.
Ngokwami ukubona zanele izinyanga ezintathu ukuthi singaqala sizibuze ukuthi umsakazi uqhuba kanjani, ikakhulu ezinhlelweni zango-6 ekuseni kuya ku-6 ntambama, phakathi nesonto.
Lokho kusho ukuthi unamahora amathathu ngosuku esemoyeni ngoba ngokujwayelekile izinhlelo ziba ngamahora amathathu. Kwenza kube ngamahora angu-15 ngesonto. Uma kukhona abambisene nabo izinyanga ezintathu kusho ukuthi banamahora angu-180 besemoyeni, nokuyisikhathi esanele lesi sokujwayelana nabalaleli. Ngaphandle kokujwayela ozakwabo, yisikhathi sokubheka ukuthi ngabe izinto abagadla ngazo ohlelweni ziyasebenza yini ngemuva kwalokho kumele izinto zibe sezishelela.
Laba banesikhathi esanele akufani nabangena kanye noma kabili ngezimpelasonto kuphela, bona abanesikhathi esincane.
Nomdlali omusha eqenjini uyafakwa kuthi noma ebhacaza anikezwe ithuba ngoba kuthiwa usajwayela ozakwabo. Ngeke abajwayele engadlali kepha kumela abe sensimini ukuze abe ngcono.
Futhi umsakazo awufani nethelevishini lapho okuthi uma kuqala umdlalo ngesiqephu sokuqala kumele sichazeke ukuze sibuye ngokuzayo. Okwethelevishini kusuke kuqoshiwe ukuqinisekisa ukuthi kusezingeni kanti emsakazweni kusuke kwenzeka izinto ngaleso sikhathi.
Ngisho ungazilungiselela kangakanani kepha lukhona novalo futhi kuye kuvuke izinto eziphazamisa nokuzilungiselela kwakho.
Sengiphetha nje, ngithi ngicela sibanikeze isikhashana abasakazi besazinza ezinhlelweni zabo, sibone beza nani.
Ungangibhalela [email protected], kuTwitter @fanelebengu noma kuFacebook Fanele Bengu