KULE mpelasonto kuqale isizini entsha yohlelo iBehind The Story kwiBET esiyethulwa nguNomalanga Shozi.
UNomalanga akagcini ngokwethula izinhlelo zethelevishini kepha ubuye abe ngumlingisi futhi abe ngumsakazi wohlelo lwantambama phakathi nesonto kwiGagasi FM.
Ngempelasonto eyedlule bekuqala umdlalo omusha wakuMzansi Magic, Umkhokha, okukhona kuwo nobuso bukaHope Mbhele. NjengoNomalanga, uHope naye ubuye abe ngumsakazi weGagasi FM.
Ohlelweni lwasekuseni phakathi nesonto kukhona uKhaya Dladla ongumlingisi emdlalweni waku-e.tv, iHouse of Zwide.
Ngingabala naye umshayeli wohlelo, uFelix Hlophe, noDJ Le Soul.
Bonke laba into abafana ngayo ukuthi ngaphandle komsakazo, bazakhele igama. Lokhu yinto enhle kubona nakulona iGagasi uqobo ngoba udumo lwabo lungenza ukuthi zonke izinhlangothi zizuze.
Ngike ngibone nje uFelix uma eseqopha ama-video akhe amahlaya ezinkundleni zokuxhumana. Kwesinye isikhathi usuke esestudiyo negama leGagasi libonakala nokuyinto emaketha isiteshi.
NoNomalanga, uLe Soul noHope ngisho noma ngabe yikuphi lapho behamba khona, ikakhulukazi uma kubikwa ngabo emazikweni abezindaba, negama lesiteshi ligcina selingena nokuyinto ekhangisayo. Ngisho obengazi ukuthi laba basemsakazweni kodwa ugcina esazi mhlawumbe agcine esebalalela futhi.
Isiteshi kumele sibasebenzise ukuzimaketha ikakhulukazi kuma-billboard emgwaqweni nasezinkundleni zokuxhumana ngoba vele abantu ubuso babo sebebujwayele.
Ngaphandle kwalokhu, ngibona ukuthi nathi njengabalaleli kuyasizuzisa ukuba khona kwabantu abanjengabo ngokwezinto ezikhulunywa emoyeni. Umdidiyeli akuyena kuphela umuntu okumele aqhamuke namaqhinga okuthi uhlelo kumele luhambe kanjani kodwa nomsakazi kumele abe nombono. Ukusabalala kwalaba kwenza ukuthi baxhumane nabantu abaningi nokwenza kube lula ukuthi batholakale emoyeni. Nokuhamba izindawo kuvulana umqondo, babuye bezosicobelela njengabalaleli.
Ngikhumbula nje uTbo Touch elanda abantu baphesheya ezinhlelweni zakhe kwiMetro FM. Kwabanye kwakungaba yinto enzima kodwa ngoba yena bayamazi, kwaba lula. Nakulaba ngokuhamba kwabo bajwayelana nabantu abaningi okuzokwenza kungabi nzima ukubathola emoyeni.
Zikhona nezinye izindlela ezizokwenza ukuthi ubudlelwano beGagasi nalaba benze wonke umuntu azuze.
Ungangibhalela [email protected], kuTwitter @fanelebengu noma kuFacebook Fanele Bengu