Ezokungcebeleka Ezemisakazo

Kwehle izinyembezi uNongcebo McKenzie evalelisa kuKhozi FM

Fanelesibonge Bengu|Published

UNongcebo McKenzie obevalelisa kuKhozi FM ngeSonto emini

Uveze ukuthi akazi kungani ekhishwa emoyeni nokuthi uyaphi uNongcebo McKenzie evalelisa kuKhozi FM ngeSonto emini njengoba ebegcina ukusebenza khona.

Igama likaNongcebo alibalwanga ohlwini lwabasakazi abazozwakala esiteshini onyakeni omusha wezokusakaza oqala ngoMsombuluko.

Uhlelo abelwenza Ezingasoze Zabuna seluzokwethulwa ngoLucky Nkosi.

“Kulaba abangibuzayo ukuthi hhawu Nongcebo? Nami angazi. Kwenzenjani? Nami angazi. Uyaphi? Nami angazi. Engikwaziyo ukuthi ngiyavalelisa namhlanje.”

Ubonge abalaleli boKhozi FM ngokumnika uthando kule minyaka esakaza. Uthe uneminyaka engu-20 esakaza.

“Umuntu ufike ka eneminyaka eko-20 njengoba ejamele u-50 emehlweni manje. Hheyi bakithi umuntu uwujamele u-50 niyangizwa yini? Ngisho usufisa ukukhohlwa ukuthi ujamele u-50 emehlweni amathambo ayakutshela ekuseni uma uvuka,” kusho yena.

Uthe kuningi akuzuzile esemsakazweni. Ngesikhathi ekhuluma ubezwakala kungathi uyakhala.

“Akuzona izinyembezi zosizi, cha. Ukubonga kuMdali nakulabo abangikhulisile.”

Ubonge abantu abahlukene okubalwa kubo uJoe Hudla, Bonga Mpanza, Zandile Tembe, Vicky Masuku nabanye.