ISILOMO somsakazi woKhozi FM uKhathide "Tshatha" Ngobe, sisazohlala ekhaya emuva kwesinqumo sokuthi singabuyeli emoyeni emuva kokumiswa.
UTshatha wamiswa maphakathi nenyanga edlule emuva kokubhala ekhasini likaKhuzani ukuthi ngo-2005 kwakufanele kuwine oShwi noMntekhala kodwa unyaka wahlukaniswa iMalaika ngengoma eyayithi 2bobo.
"Ngo-2005 empeleni kwaba uShwi NoMntekhala owadla ubhedu ngalo wonyaka! Unyaka wawuhlukaniswa yimina noLinda Mr Magic (Sibiya) ngalowo nyaka. Kwaba nesizathu esaholela ekuthini kube iMalaika ehlukanisa unyaka, uShwi walala isibili. Ngoba kwethusa ukuthi umaskandi agile izimanga ezagilwa uShwi."
Izolo okhulumela iSABC uMmoni Seapolelo, uthe lo mbhalo ubungcolisa igama lenhlangano neloKhozi FM.
Uthe uTshatha wenza okungafanele ekhuluma egameni lenhlangano futhi edalula amagama abaculi inhlangano ebahloniphayo.
"Akusho kwakuyiphutha esola ukuthi kwaphekwa amavoti ngabaphathi besiteshi njengoba umphakathi wawungavoti ngalowo nyaka. Ngo-2009 isiteshi sethula uhlelo lokuvota emkhankasweni. Kusukela lapho kuqokwa abacwaningi mabhuku minyaka yonke ukwenza isiqiniseko sokuthi akukho ukwenzelela njengayo yonke imikhankaso iSABC eba nayo okuvotwa kuyo," kusho uMmoni.
Uqhube wathi abaphathi boKhozi sebeluphothulile udaba lukaTshatha.
"Kuthathwe isinqumo sokuthi uMnuz Ngobe angabi semoyeni kuze kube ukuphela kukaMashi 2021."
Akucaci ukuthi kuzokwenzekani ngoba ngokujwayelekile ukuphela kukaMashi kusho ukuphela kwezinkontileka zabasakazi futhi noMmoni ugcine engayiphendulanga imibuzo athunyelwe yona.
Izolo ekuseni uTshatha uxolisile ngombhalo wakhe ekhasini lakhe kuFacebook.
"Le nkulumo igcine isilimaza igama leSABC nomsakazo Ukhozi FM. Zonke izinkulumo ngeSABC noKhozi FM kumele ziqhamuke ehhovisi likasomlomo weSABC hhayi kimi njengesisebenzi. Ngiyaxolisa kakhulu enhlanganweni engisebenza ngaphansi kwayo iSABC kanye nomsakazo Ukhozi FM ngalesi senzo sami. Ngiphinde futhi ngixolise nasemaqenjini omculo iMalaika noShwi noMntekhala, ngithi yobe zingane zakwethu!"
Uthe uyaxolisa nakulabo agcina engasakhulumisani kahle nabo kuwona lowo mbhalo wathi "ngifunde lukhulu ngalesi sigameko nangezingozi ezingadalwa amazwi abhalwa ezinkundleni zokuxhumana".