NJALO ngonyaka umsakazo Ukhozi FM wenza into ethakaselwa ngabalaleli bawo ngokushintsha abasakazi bashayele izinhlelo abangajwayele ukuzwakala kuzona, nokwaziwa ngokuthi Siyayijika Le nto.
Lo msakazo lokhu usukwenze iminyaka nokuyinto okubonakala ingaphumi esitayeleni futhi esathakaselwa ngabalaleli abaningi.
Lokhu, ngokubona kwami, kuyinto neminye imisakazo okumele iyithathe, hhayi ngoba ikopela kodwa ngenxa yokuthi izama ukujabulisa abalaleli babo.
Imisakazo kumele ikwazi ukuthi ukwenza okwenziwa kwezinye iziteshi akusho lutho uma bekuthatha bekwenza okwabo.
Lokhu abakwenzi ngenjongo yokudlisela nxanye abanye kodwa bakwenza ngoba becabangela abelungu babo okungabalaleli.
Umsakazo uKhozi FM, kumele ungalinge ucabange ukulushintsha lolu siko uma kuyisikhathi samaholidi.
Ngisho abalaleli ngiyathemba ukuthi kusuke kungenye yezinto abasuke beyilinde ngabomvu uma kuqala isikhathi samaholidi.
Ngesonto eledlule ngesikhathi iqala, ngizwe umsakazi uPhindi P ejabula ngohlelo azobe elwethula nokucacela noma ubani ukuthi nabo abasakazi le nto iyabajabulusa.
Kanjalo ke, nakweminye imisakazo ngisho bengayenzanga yafana nse neyoKhozi FM kodwa bangacabanga, kube yinto eyela ngakhona.
Ngiyazi ikhona imisakazi yomphakathi ekwenzayo lokhu, kodwa neminye esezingeni elifana noKhozi neminye eqophisana nayo, ayikwenze lokhu ingasabi.
Unyaka njengoba siwugoqa nje, siyathemba kuningi imisakazo ekuhlelile ukuze ikwazi ukuthuthuka, hhayi nje emikhulu kuphela kodwa nayo emincane yomphakathi nesakaza nge-internet.
Siyathemba ukuthi njengoba sibheke ekutheni imisakazo ishintshe abasakazi iqashe abasha abanye baye kwezinye izinhlelo ngo-Ephreli, nakho lokhu kuzokwenzeka ngendlela ezojabulisa abalaleli.