UBHUBHANE lweCovid-19 lushiye kukhalwa endimeni yezezindaba ngokudlula emhlabeni kowazakhela udumo oKhozini, uSiphiwe “Insizwa Yoshikishi” Maphumulo.
Yize kungakazeki ukuthi umfokaMaphumulo ushonele kuphi kodwa ubesanda kuphumela obala ngoJulayi 21 ukuthi utholakale enaleli gciwane.
Ngokuthola kweSolezwe, uSiphiwe udlule emhlabeni izolo. USiphiwe waqala eyintatheli yezindaba kwaSABC kodwa wagcina esethula uhlelo lwezindaba, Abasiki Bebunda.
Ushone esesebenza ophikweni lwezokuxhumana emnyangweni wezeMisebenzi kaHulumeni KwaZulu-Natal.
Isililo siqhume nxazonke ngisho, ikakhulukazi emithonjeni yezindaba nasezikhulwini zikahulumeni. Kwabaphawule ngokushona kukaSphiwe kubalwa noyisikhulu sezokuXhumana eMnyangweni weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha, uMnuz Vukani Mbhele, ochaze umufi njengomuntu obengasiye ungoqo. “Ngaqala ukumazi eseyintatheli yakwaSABC. Sasivamise ukuxhumana naye kakhulu ngifuna izindaba. Sabe sesisebenza ndawonye kuhulumeni njengabaxhumanisi bakahulumeni futhi kwagcina sekwakhe ubungani. Ubengave elungile, ezothile futhi ehlale emamatheka. Engumyeni onothando futhi ezibophezele emsebenzini wakhe. Ekhuthele, eyisishoshovu egatsheni le-ANC futhi ekholelwa ekuzithuthukiseni yena uqobo ngokufunda,” kuchaza uMbhele osebenzela ihhovisi likaNgqongqoshe uMnuz Senzo Mchunu.
Khonamanjalo, ongumlingisi wemidlalo yasomoyeni oKhozini, uMcino Shezi uphinde wadalula ukuthi akasekho emhlabeni owayengumsakazi woKhozi FM, uDkt Mandla Buthelezi. “UDkt Mandla Buthelezi ubenza ezoLimo okuthe uma kufika uReggie Khumalo wahamba wayoqopha emasimini. Usebenze kakhulu noCool Cat Gubi kwa KTT osekuyiThala Bank. Bebengena ohlelweni Sidla Amantshontsho ngo8 ebusuku. Uthe ephuma emsakazweni wayoba umlimi. Uvule inyunyana yabalimi Narfu,” kusho uMcino obuye abe ngumsakazi weNtokozo FM ekhasini ezindaba zemisakazo, Umsakazo-Umakhi Wesizwe.