LULOKHU luqhubeke njalo nokundizela phezulu kunezinye iziteshi zaseSABC, Ukhozi FM, oselufinyelele ku-8 million wabalaleli. Ngokombiko walo msakazo, nezibalo zabantu abalalela uKhozi kwi-internet ziyakhula.
Isolezwe lithole ngomthombo wangaphakathi ukuthi maduzane nje, kulindeleke ukuthi kumenyezelwe izinhlelo ezenza kahle eSABC nezenze kwanyuka izibalo zabalaleli.
Emasontweni ambalwa edlule, abaphathi boKhozi FM baveza ukuthi bashoda ngabalaleli abangu-1 000 ukuze bafinyelele ku-8million.
Umthombo weSolezwe eSABC uveze ukuthi basematasa, babheka izinhlelo ezenza kahle nezenze Ukhozi lwafinyelela la lukhona manje.
“Kuzophuma isitatimende esizotshela umphakathi ukuthi sila sikhona nje yiziphi izinhlelo ezenze lo msebenzi?” kuchaza umthombo.
UNada Wotshelwa oyisikhulu eSABC, uthe kuyinjabulo kubona ukubona imisakazi yabo engu-14 kwengu-20 elalelwa kakhulu, ingaphansi kweSABC.
“Umsakazo, Ukhozi FM, uwona ohamba phambili kuyona yonke imisakazo yethu, ulandelwe yiMetro FM ngabalaleli abangu-5 million, kwi-5FM ngabangu-1 million bese kuthi iSA FM yona ibe nababukeli abangaphansi kuka-1million.
“Umsakazo iRadio 2000 wona isemisakazweni eyishumi ehamba phambili kuleli nokuyinto esho lukhulu nekhombisa ukuthi umsakazo unamandla angakanani,” kusho uNada.
Uthe akukhona kuphela lokhu abakujabulelayo njengoba naku-internet benza kahle futhi abantu bakhombise ukuyithemba le ndlela entsha yokulalela umsakazo.
“Lezi zibalo zikhombisa ngokusobala ukuthi imizi eminingi ithembele kuthina uma kuziwa ekutholeni ulwazi, izindaba nezobumnandi. Umsebenzi wethu njengomsakazeli womphakathi ubaluleke kakhulu.
“Yingakho siqhubeka nokwethulela umphakathi lokhu okudingayo kulezi zikhathi ezinzima kangaka emhlabeni njengoba sibheke negciwane leCovid-19,” kuchaza yena.
Uthe leli gciwane lithinte abantu abaningi futhi laphazamisa okuningi uma kuziwa endleleni ejwayelekile yokusakaza.
“Sithanda ukubonga abasebenzi bethu abazinikelile basebenza ngalesi sikhathi esinzima abenze konke ukuthi bazwakale emoyeni,” kuchaza yena.
Kuthiwa kuzoba nomcimbi wenkomo ohlelwe owayengumsakazi wokhozi owumelaphi wendabuko uVVO Mkhize esigodlweni sakhe eMlambomunye.