BAKHONJWE indlela abasakazi besiteshi esizinze eGoli, i-947 FM ngemumva kokusabala kwezinsolo abathinteka kuzo mayelana nokudlwengulwa kowesifazane.
Inkampani ephethe lesi siteshi, iPrimedia Broadcasting ngoLwesithathu ithumele abezindaba isitatimende imemezela ukuthi ngeke besaba yingxenye ye-947 FM oThato “ DJ Fresh” Sikwane noThemba “ Euphonik” Nkosi.
Isikhulu esibambile ePrimedia, uGeraint Crwys-Williams, sithe lesi sinqumo sithathwe ngemuva kokudla amathambo engqondo ngemibiko evele emasontweni edlule futhi “sithathelwe ukuvikela inkampani.”
“Isinqumo esithathiwe asihlangene nezinsolo ababhekene nazo laba basakazi kodwa sibeka phambili iPrimedia Broadcasting nezinhloso zayo zebhizinisi,” usho kanje.
NgoLwesithathu uThemba noDJ Fresh bakhiphe isitatimende bephawula ngokuxoshwa kwabo.
“Ngemuva kokuxhumana nabameli bethu sibone kungcono ukuthi siqhubeke nomsebenzi wethu wokusakaza emphakathini. Sesilinde ukuthi kuhlanzeke amagama ethu (enkantolo). Ngeshwa asivumelananga nePrimedia Broadcasting sagcina sivume ukuthi sidedelwe kulesi siteshi njengamanje,” kusho isitatimende.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana basihlabile isinqumo sePrimedia, iningi lithi bekumele balinde isinqumo senkantolo njengoba kusaphenywa futhi abakatholwa benecala kwizinsolo zokudlwengula abebhekene nazo.
Laba basakazi baqale bamiswa emsebenzini ngenyanga edlule kulandela ukuvela kowesifazane owabasola ngokumdlwengula ngo-2011.
Losing your income over something you might not have done is terrible. But if you're innocent you will come back.
— 🇿![CDATA[]]>🇦Bra Bob🇿![CDATA[]]>🇦 (@MugabeBobby) February 10, 2021
This Primedia letter reminds me of those relationships that ends with " it's not you, it's me". Go on and be great, nna ke shap ka wena!
— Motho wa Modimo (@MModimo) February 10, 2021
What a time to be alive!#Djfresh #euphonik pic.twitter.com/0luM0KbnXQ