UKUGULA komsakazi we-East Coast Radio (ECR) uThandolwethu Ngidi, kudale ukuthi kunqanyulwe inkontileka yokusebenzisana phakathi kwakhe nesiteshi.
UThandolwethu oke wethula uhlelo lwantambama kwiGagasi FM, ubesakaza uhlelo olungena ngo-9 kuya ku-1 emini phakathi nesonto kwi-ECR.
Ubengena ebusuku ngaphambi kokungena ekuseni okuthe uma kwenziwa izinguquko ngoMashi uhlelo lwakhe lwelulwa ngehora.
Isolezwe liqaphele ukunyamalala kwakhe emoyeni nokukhishwa kwakhe kwi-website yesiteshi, lathola ukuthi inkontileka yakhe inqanyuliwe ngenxa yokungaphatheki kahle kwakhe.
Imizamo yokumthola izikhawu eziningi izolo ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe.
Umphathi wezinhlelo uZane Derbyshire, uthe uphatheke kabi ngokuhlukana naye kodwa wathi impilo yakhe ibalulekile.
“Yizindaba ezimbi, kwi-East Coast Radio nakimi siqu sami ngoba ngiyazifela ngomsebenzi kaThandolwethu. Unesibindi futhi akesabi ukukhuluma ngezinto abanye abasakazi abangeke nhlobo bazithinte. Sekunesikhathi manje iphimbo lakhe lingazwakali kahle. Akaze abe khona emoyeni amasonto ayisishiyagalombili ezinyangeni ezintathu futhi ngemuva kokuhlangana naye maduze akazwakali engcono,” kusho uZane.
Uthe impilo yakhe ibalulekile ngakho bathathe isinqumo sokunqamula inkontileka yabo ukuze agxile ekululameni. Umfisele ukululama okusheshayo.
Uthe bazomemezela maduze ukuthi kuzokwenzekani ngesikhathi obekusakaza ngaso uThandolwethu.
Kulezi zinsuku kushintshana abasakazi abahlukene futhi izolo bekubambe uNeale Green, ongena ngo-7 ebusuku ngoMsombuluko kuya kuLwesine.
KwiTwitter nakhona bake baphawula ngokungazwakali kahle kwephimbo lakhe.
“Nginemibuzo nge-ECR noThandolwethu. Leli phimbo selihoshozele izinyanga, kwenzekani?” kubuza * -@miss_mbali.
U-@_Zubane ubuze ukuthi kungani abaphathi bemvumele emoyeni nephimbo elingazwakali kahle.
U-@Sairiskajb uthe uzwakala sengathi uyagula.