IMISAKAZO eminingi kumele ikwazi ukuthi akuyona inkinga ukuba nezinhlelo ezicishe zifane nezeminye, uma nje zizosiza abalaleli.
Muva nje sekukaningi ngizithola ngiqwasha bese ngizithola sengilalela uhlelo lukaNkosinathi Mshengu, oluthi Lusethandweni Ukhozi.
Lolu hlelo lungena ezintatha ngoMgqibelo kusuka ngehora lesithathu kuze kube yihora lesithupha.
Kulolu hlelo uMshengu usuke ekhuluma ngezinkinga abantu abanazo othandweni, ebabonisa ukuthi bangayisukumela kanjani inkinga abanayo.
Okungikhathazayo ngohlelo yisikhathi salo, njengoba ngicabanga ukuthi uma lungangena ntambama emuva kwezinhlelo zezindaba noma lufakwe njengesigaba ezinhlelweni zasemini ungaba muhle kakhulu umphumela walo.
Kukhona izinhlelo ezifana ne-Ask A Man ezizwakala emsakazweni iMetro FM, lolu hlelo lungena ekuseni njalo phakathi nezinsuku kanti abalaleli beMetro FM, basuke bebika ngezinkinga zabo ikakhulukazi ezobudlelwane bezothando kuSomizi noNaked DJ bese bethola izeluleko zokuthi leyo nkinga ingaxazululeka kanjani.
Lolu hlelo ngibona sengathi lwenze omkhulu umehluko kubantu bakuleli abalalela iMetro FM.
Isikhathi oludlala ngaso ngibona sisihle kakhulu njengoba lungena ngesikhathi lapho abantu abaningi belalele umsakazo.
Umyalezo walo ufika kuwona wonke umuntu ngenxa yesikhathi olungena ngaso.
Kanjalo nolukaDkt Nomcebo Mthembu no-Alex Mthiyane oluthi Sex Indaba kuGagasi FM, naloluthakaselwa inqwaba yabantu futhi luyalalelwa.
Isikhathi olungena ngaso ngibona sengathi yisona esenza abantu bakwazi ukuthola usizo abalufunayo.
Izinhlelo ezithinta ubudlelwano bezothando nocansi kuyacaca ukuthi imisakazo kumele izibhekelele futhi zingene ngesikhathi abantu abasuke benesikhathi sokulalela ngaso umsakazo.
OlukaMshengu nalo ngiyakholelwa ekutheni uma lungathola isikhathi esisemini noma ntambama lungenza kahle ukuze abantu besilisa okuyibona abangena kulona kakhulu bebika izinkinga zabo zasekameleni, basizakale.