UMISIWE emsebenzini umsakazi woKhozi FM uSiya Mhlongo, ngemva kokugxeka indlela yokusebenza emoyeni.
USiya wethula uhlelo i-12 2 3 Café nnoSelby Mkhize ngo-12 kuya ku-3 emini phakathi nesonto. Selokhu kuqale isonto akekho emoyeni.
Isolezwe lithole ngomthombo walo okulo msakazo ukuthi njengoba engekho emoyeni, umisiwe ngemva kokukhala ngendlela yokusebenza ngoLwesihlanu oludlule.
“Akazilovele umisiwe ngento ayisho emoyeni ngoLwesihlanu,” kusho umthombo.
Selokhu kuqale umvalelandlini abanye abasakazi bayibamba emakhaya abanye babe sestudiyo.
Ohlelweni lwabo uSiya ujwayele ukuba sestudiyo uSelby abe sekhaya.
Ubuhixihixi obuba khona yibo okuthiwa bumdinile wahluleka wukuzibamba wakhala ngakho emoyeni.
“Ngiyaxolisa bafowethu akusebenzeki. Le nto yokusebenza emakhaya ayingisebenzeli. Ukube kuya ngami ngabe ngithatha izinto zami ngihambe ngoba into engiqashelwe yona ukuthi sinoSelby sikunikeze umsakazo ofuna ukuwuzwa, ayenzeki,” kusho uSiya emoyeni.
Uthe kumele basebenze kanzima “bazikopolote” kodwa useyahluleka ukuthula futhi akazi noma abaphathi bazommisa yini emoyeni ngakushilo.
NoSelby wake wakhala ngento efanayo ezinkundleni zokuxhumana.
Okhulumela iSABC uMmoni Seapolelo, uthe uSiya akahlelelwe ukuthi angene emoyeni.
“Lolu wudaba lwangaphakathi esilusingethe ngendlela,” kusho uMmoni.
Uthe iziteshi zeSABC zisakaza ngokulandela imigomo yezokuphepha ethinta iCovid-19 futhi kwenziwe izinhlelo zokuthi abasebenzi basebenze ehhovisi noma ekhaya.
Uthe babeka phambili ukuphepha kwabasebenzi babo.