INHLANGANO yezokusakaza iSouth African Broadcasting Corporation (SABC), ithi ngeke ize iphawule kuze kube iqeda ngazo zonke izingxoxo mayelana nezinkontileka ezintsha zabasakazi.
Ngokujwayelekile uma sekuyilezi zikhathi iSABC isuke ihlangana nabasakazi beziteshi zayo kukhulunywa ngezindaba zezinkontileka ezintsha eziqala ukusebenza ngo-Ephreli.
Ezinye iziteshi ziphuma ziyogawula abasakazi ngaphandle.
Isolezwe lisanda kuthola ukuthi iMetro FM ingesinye seziteshi okulindeleke ukuthi zenze izinguquko ezinhlelweni zazo ikakhulukazi ezaphakathi nesonto.
Kuvela ukuthi abaphathi bayo bake bazama ukweshela uMacgyver "Mac G" Mukwevho ukuba ajoyine lesi siteshi kodwa ucu lwangahlangana.
UMac G uke wethula izinhlelo zabantu abasha iCraze ku-e.tv futhi wasakaza eziteshini okubalwa kuzo iYFM ne-947.
Njengamanje unesiteshi seYoutube lapho ekhuluma khona nosaziwayo abahlukene ngempilo yabo.
Okhulumela iSABC uMmoni Seapolelo, uthe minyaka yonke njengeqhinga labo lokwenza ukuthi iziteshi zabo zisebenze ngendlela futhi zincintisane kahle nezimbangi benza izinguquko.
"Njengenhlalayenza, isimemezelo esisemthethweni sizokwenziwa uma noma ngabe yisiphi seziteshi zethu sesiphothulile ukwenza izinguquko ezinhlelweni," kusho uMmoni.