SEKUQUBUKE ukungaboni ngaso linye phakathi kwenyanga yaseThekwini, uDr Khehlelezi nomsakazi weZwi Lomzansi uMC Pholobas, kuthiwa babanga isiteshi seYouTube, iSiyaviva TV.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo ukuthi ukungazwani kwabo kuze kwaphoqa ukuthi uDr Khehlelezi angabe esangena ohlelweni lukaMC Pholobas kwiZwi Lomzansi, wafakwa kolunye.
Bekujwayelekile ukuthi uDr Khehlelezi angene ohlelweni lukaMC Pholobas, aluleke abantu ngezinto ezahlukene ezithinta ukwelapha kwesintu.
"Isiteshi savulwa wuMC Pholobas kodwa amakhasimende abejoyina (subscriber) kusona alethwe wuDr Khehlelezi njengoba bebesiphethe bobabili. Inkinga iqale ngesikhathi uMC Pholobas esefaka nezinyanga ezingezwani noDr Khehlelezi.
Kwesinye isikhathi ubefaka abantu abafike noDr Khehlelezi engamtshelile, ekubeni besebenzisana nokwenze bangabona ngaso linye. Lokho kususe ingxabano phakathi kwabo, uDr Khehlelezi wanquma ukuthi aphume kulesi siteshi kodwa wacela ukuthi sivalwe ngoba kunegama lakhe kusona. Wanqaba uMC Pholobas ukusivala. Kwagcina sekudlala iziqephu zocansi kusona obekungaziwa ukuthi zifakwe wubani. Lokhu kuphoqe uMC Pholobas ukuthi asivale, aqale esinye asibiza ngeSiyaviva TV1,” kuchaza umthombo.
Ethintwa uDr Khehlelezi, uthe impela akaseyona ingxenye yesiteshi.
“Kube khona ukungaboni ngaso linye phakathi kwami noMC Pholobas kodwa angixabene naye. Ngithathe isinqumo sokuthi ngiphume kulesi siteshi ngoba akusenzeki ngendlela ebesivumelene ngayo. Ngalokho angisho ukuthi kunegqubu engimbambele lona futhi angilwi naye,” kusho uDr Khehlelezi.
Kuthiwa uDr Khehlelezi ubesethengele uMC Pholobas iselula nekhamera ukuze kuqhubeke ibhizinisi. Kumanje kuthiwa kune-sim card esele kuMC Pholobas enezinombolo zabantu abese befakwe kulesi siteshi kodwa uMC Pholobas uyayiphika kuDr Khehlelezi, uthi yalahleka.
U-MC Pholobas uthe akakaze abambisane noDr Khehlelezi esiteshini seYouTube, iSiyaviva TV.
“Isiteshi bekungesami ngedwa, ngasisungula ngo-2013. Udokotela wafika kusona njengomxhasi. Wangithengela ikhamera neselula ukuze ngikwazi ukuqhuba umsebenzi wami. Lezi zinto angithengela zona sengambuyisela zona. Ngizibuyise ngesikhathi kukhona ukungaboni ngaso linye engingazi kudalwe yini. Udokotela ngiyamhlonipha futhi angithandi ukuba yisitha naye. I-sim card okuthiwa angiyibuyiselanga kuyena, vele bekungeyami, bengingeke ngimnike yona. Ngesikhathi ethenga iselula asiyithenganga i-sim card kodwa sasebenzisa eyami. Angazi njengoba kwenzeka kanje ukuthi kusho ukuthini ngoba ngesikhathi efuna i-sim card nginqaba nayo, wangisongela wathi uzongikhombisa kodwa wangasho ukuthi uzokwenzani,” kuchaza uMC Pholobas.
Uthe okwenze asivale isiteshi aphinde asivule kabusha njengoba sekuyiSiyaviva TV1, kungenxa yokuthi kukhona abangena kuso ngokungemthetho (hack) bafaka iziqephu zocansi kusona. Uveze ukuthi kunabantu abamdlela umona ngempumelelo yakhe ngoba kuningi akwazi ukukwenza ngaphandle kokulekelelwa ngabantu.