KUHLUKENE imibono ngezinguquko ezizoqala kusuka ngo-Ephreli 1 kuKhozi FM.
Lesi siteshi siqinisekise izinguquko ezithinta ukushintshwa kwabanye babasakazi ezinhlelweni zabo emoyeni.
USiya Mhlongo ongena ngo-3 kuya ku-6 ntambama phakathi nesonto ukhishiwe emoyeni.
Kuthiwa uzokwenza i-vodcast okungama-video azokhishwa phakathi nesonto lapho ezobe ekhuluma ngezihloko ezahlukene khona.
Omunye ongasabuyi nguZama Mseleku onqobe umncintiswano iWinnie Mahlangu Presenter Search. Indawo yakhe ithathwe nguBingelela Mpanza onqobe nyakenye nozongena entathakusa ngeSonto.
Lo msakazo ubuyise emoyeni uMandla Magwaza ozongena ngo-12 kuya ku-3 ngoMgqibelo bese elandelwa nguKhetha Gwala ngo-3 kuya ku-6 ntambama.
UMaFresh Mpungose ngeke aqhubeke nohlelo abelubambile iParty YoMhlaba ngo-9 kuya ku-12 ebusuku ngoMgqibelo ayibambe kushiya uMzokoloko. Lolu hlelo selunikezwe uLee Hlophe.
NgeSonto uPhindi P ukhishwe ngo-7 kuya ku-9 ekuseni kwafakwa uThokozani MaMkhize Ndlovu nozophinde abuye ngo-5 kuya ku-8 ngosuku olufanayo.
Uhlelo lwasekuseni phakathi nesonto olusakazwa nguDJ Sgqemeza noMroza seluzoqala ngo-6 kuya ku-9 bese kulandela uDudu “Lady D” Khoza ngo-9 kuya ku-12.
Ngo-12.30 kuya ku-1 sekuzongena uKing Sfiso noZimdollar esikhaleni sikaBheka Mchunu obuyela kwiSigiya Ngengoma ngoMgqibelo. UTshatha Ngobe uzosakanza uhlelo lwantambama noSelby Mkhize.
UMasioga Mathonsi uphawule kuFacebook wathi umoya wakhe ubuhlungu ngoSiya ngoba unethalente nolwazi.
UMlamuli Themba Ndwandwe uthe: “Sikhathele uDudu Khoza, bayashintshwa abasakazi yena lutho yini lena eyisipesheli ngaye #ukhozifm phathani bonke abasakazi ngendlela efanayo.”
UNkule Sikhakhane uthe: “Uyabhora uMamkhize Ndlovu shwele, yaz loya mama ubhora lokhu okungabekezeleki sibongele uKSG ngokubuyela embhobheni ngokugcwele, sibongele noKingSfiso ngokumfaka emini, kanjalo noBK siyambongela. UNjinji bakithi ubuyile ohlelweni lwakhe Top20. Aw kodwa ngiyakhala ngoThokozani MaMkhize Ndlovu akasithokozisi neze uyabanda.”
U-Intemnandi Shange uthe bengamabhinca bajabule ngoSigiya Ngengoma.
Khonamanjalo, igama likaZizo Tshwete ongena ohlelweni lwantambama phakathi nesonto kuMhlobo Wenene alibonakali ohlwini lwezinhlelo ezintsha. U-Amaza Ntshanga, owake wathandana nomculi uZahara, angena naye usezongena ngo-1 kuya ku-3 ntambama phakathi nesonto bese kuthi uDJ Luks Gidane no Zintle Mbusi baphambane naye bangene ngo-3 kuya ku-6.