KUFEZEKA iphupho leminyaka lomlingisi owaduma emdlalweni wethelevishini iScandal, ngemva kokujoyina umsakazo.
ULusanda Mbane, wazakhela udumo elingisa indawo kaBoniswa Langa kwiScandal kanti muva nje, ujoyine umsakazo ongaphansi kweSABC, uMhlobo Wenene FM.
Uzoqala ukuzwakala emsakazweni ngoMgqibelo, ohlelweni lwasekuseni iVuka Mzantsi oluzongena ngo-7 kuya ku-9 ekuseni, ngokubambisana noSpitch Mzawumbi.
Kumanje ulingisa indawo kaMakhosazane kwiMbewu- The seed kanti ubhale ekhasini leFacebook ukuthi iphupho lakhe leminyaka, ligcine lifezekile.
ULusanda uveze ukuthi kusukela ngo-2012 efika eGoli, wazama ukungena kulo msakazo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
“Ngiyakhumbula ngiguduza amaphaseji aseBraamfontein, eGoli, ngihamba nomngani wami sifuna indawo engizorekhoda kuyona idemo yami yesiXhosa yokuqala,” kubhale yena.
Uthe wayelokhu ezama erekhoda ama-demo ewahambisa kodwa kuthule kuthi cwaka. Ubengazi ukuthi imithandazo yakhe izogcina iphendulekile.
“Bengingazi ukuthi yonke leminyaka ewu-10 bengitshala imbewu ezoqhuma. Konke lokhu kwenzeke ngesikhathi ebengingasilindele ukuthi kungaba nomnyango ozovuleka,” ubhale kanje uLusanda.
Wabonga ithuba alinikeziwe, nokwesekwa ngabalandeli bakhe.