KUBALULEKILE ukuthi imisakazo ibaqonde abalaleli bayo ukuthi banjani ukuze izosakaza into abayifunayo.
Ezindaweni esihlala kuzo kunenqwaba yemisakazo esikhetha kuyo njengabalaleli ukuthi siyilalele. Nemisakazo inenqwaba yezimbangi ebanga nazo abalaleli yingakho kumele ihlale yenza isiqiniseko sokuthi yenza umsebenzi oseqophelweni eliphezulu.
Kunenqwaba yemisakazo engabangi neminye kodwa ezitshela ukuthi ibanga nayo. Ngokwami ngeke uthathe iRadio 2000 uthi ibanga neGagasi FM. IRadio 2000 ngeyabantu abathe ukukhula ngokweminyaka okuyinto oyizwa ngomculo odlala khona kanti ngakolunye uhlangothi, iGagasi FM lona limandla egengeni esencane.
IRadio 2000 ungacishe uyiqhathanise neVuma FM lapha esifundazweni kodwa umehluko ukuthi yona isabalele izwe lonke bese kuthi iVuma FM yona ibe lapha KwaZulu-Natal kuphela.
Ukuzinza kwayo KwaZulu-Natal kuphela kumele kube ngezinye zezinto eziyenza ihluke kuneRadio 2000 ngezinto ezikhulunywa khona.
Ngike ngalalela esinye seziteshi zomphakathi zaseThekwini. Umfundi wezindaba zemidlalo uthe ezivula nje wasitshela ngezindaba ezithinta iqembu lebhola i-Arsenal yase-United Kingdom. Zithe uma ziqhubeka zabe zingena ezikhuluma ngemidlalo yalapha ekhaya.
Ngibe sengizibuza ukuthi bekungani angaqali ngezindaba ezisithinta lapha ekhaya bese ugcina ngezangaphandle? Ukube bezikhona ezithinta imidlalo eyenzeka eThekwini yizona obekumele kuqalwe ngazo.
Yinto efanayo noma uthi ulalela izindaba esiteshini somphakathi utshelwe ngezindaba ezingathi shu zakwezinye izindawo, kugcinwe ngezakulowo mphakathi isiteshi esisakazela kuwo noma zingabi khona nhlobo.
Isiteshi asibeke phambili abantu basendaweni esibasakazelayo. Nomculo akube ngowakuleyo ndawo omningi.
Kumele kube khona umehluko uma uthi usuka eThekwini uya KwaNongoma uvula iNongoma FM. Kumele uzwe izinto ezizokwenza uzizwe ukuthi uhambile, hhayi uzwe kukhulunywa ngezihloko ezifanayo futhi kudlalwa nomculo ofanayo.
Ungangibhalela [email protected] kwiTwitter @fanelebengu noma kwiFacebook Fanelesibonge Bengu