UMSAKAZI oshiya iMetro FM namhlanje, uDineo Ranaka, uthi ayikho indawo ake aphathwa kahle kuyo okwedlula lesi siteshi.
UDineo wethula iThe Bridge ngo-9 kuya ku-12 emini phakathi nesonto.I-SABC ikuqinisekisile ukuthi uDineo uyagcina namhlanje ngemuva kweminyaka engaphezu kwemihlanu ekulesi siteshi.
Umphathi weMetro, uKina Nhlengethwa, umfisele okuhle futhi wathi isiteshi sizomemezela ozovala isikhala sakhe ngokuhamba kwesikhathi.
Ekhuluma ohlelweni lwakhe izolo, uDineo obekhala, uthe selokhu aqala ukusebenza, indawo aphathwe kahle kuyo, yiMetro FM.
“Ibe yisibusiso indlela eningamukele futhi nangikhulisa ngayo ngokusho izinto ngami nakimi ezinkundleni zokuxhumana. Zingenze ngazibheka ngenza kangcono. Kuyo yonke le minyaka bengiba wumuntu ongcono, ngiyanibonga nonke,” kusho uDineo.
Lo msakazi ushiya iMetro ngoba uyojoyina iKaya FM. Uzojoyina lesi siteshi noSol Phenduka ongomunye wabethula iPodcast and Chill kwiYouTube noMac G.
Umphathi weKaya FM oke waphatha iMetro FM, uSibongile Mtyali, uthe ubuhlakani balaba, amava nolwazi lwemsakazo yinto efunwa yisiteshi.
Kunamahlebezi okuthi laba bazokwethula uhlelo lwasekuseni bevala isikhala sikaThomas Msengana noSkhumba Hlophe okuthiwa bazosuswa.
Isiteshi sithe sizokwenza ezinye izimemezelo ngoJulayi 1.
Kwenzeka lokhu nje, kulindeleke ukuthi abuye nguMsombuluko uDJ Sgqemeza woKhozi FM. Lo msakazi owethula uhlelo lwasekuseni phakathi nesonto wamiswa ngenyanga edlule nozakwabo uMandla Magwaza noBabheke Mthethwa bona asebabuya emsebenzini.
I-SABC igcine ingaphendulanga ibuzwa ngokubuya kwakhe.Khonamanjalo, zizoqala ngoJulayi 2 izinguquko ezenziwe ezinhlelweni zangempelasonto kwi-East Coast Radio.
UStyles Mbatha owanqoba umncintiswano wokuthungatha umethuli omusha walesi siteshi ngonyaka odlule, usezongena ngo-6 kuya ku-10 ekuseni ngempelasonto.
UDeon Govender obengena ngalesi sikhathi usezongena ngoLwesihlanu ngo-7 kuya ku-10 ebusuku. Uzophinde angene phakathi nesonto ngo-10 ebusuku kuya ku-1 ekuseni.
UTee Xaba usezongena ngo-7 kuya ku-10 ebusuku ngoMsombuluko kuya kuLwesine.