CHARLES KHUZWAYO
SEBELALA bengalalele abasakazi abadlana imilala eqoqweni lokuqala emqhudelwaneni wokuhlonipha ingqalabutho uWinnie Mahlangu kuKhozi FM.
Uhlonishwa nje uWinnie yingoba waba wumsakazi wokuqala wesifazane omnyama ukuqashwa yiNhlangano yezokuSakaza kuleli (SABC). Izintokazi ezitholene phezulu kuleli hlandla lokuqala, uNdoni Radebe weVuma FM, uMpumelelo Mpofana kaNjomane weHarry Gwala FM noBingilela Mpanza weNongoma FM.
Kuzokhunjulwa ukuthi lomqhudelwano waphunyelelwa okokuqala nyakenye yintokazi yasePort Shepstone, uZama Mseleku, sekuhlanganiswe wonke amaqoqo futhi kungasavotwa kodwa sekukhuluma amajaji.
Njengamanje uZama usakaza uhlelo lwangeSonto phakathi kuka-3 no-6 ekuseni. Ukuvotela uMpumelelo uthumela uWINNIE A, ukuvotela uNdoni uthumela uWINNIE B kanti ukuvotela uBingelela uthumela uWINNIE C ku-33665. Ukuvotela laba bakwihlandla lokuqala kuyagcina ngoLwesine phakathi kwamabili. Ophumelele engase amenyezelwe ngoLwesihlanu, okuwusuku okulindeleke ukuba kuqale ihlandla lesibili. Umsakazi ozobaqwaqwada bonke emakhanda kulindeleke ukuba amenyezelwe ekupheleni kwale nyanga. Ukuvotela abasakazi abadlana imilala kulo nyaka sekuvaliwe.