Ezokungcebeleka Ezemisakazo

Izinkakha zoKhozi ziphawula ngengoma yonyaka

Charles Khuzwayo and Fanelesibonge Bengu|Published

UMR Magic ubona uhlelo lwengoma ehlukanisa unyaka lungabuyela ezingeni uma kungamiswa uhlelo lokuvota Isithombe:SIGCINIWE

ABABEYIZILOMO zoKhozi FM futhi abahlukanisa unyaka kulo msakazo, uMandla “Tripple M” Malakoane noLinda “Mr Magic” Sibiya, baveza okwakwenza lolu hlelo lube nesasasa ngezikhathi zabo.

UMalakoane uthe ngezikhathi zabo babenikeziwe amandla njegabasakazi ukuba bayithungathe baze bayithole ingoma ezothandwa nguwonkewonke. Uthe babevakashela nasemalokishini beyozwa ukuthi abantu baphawula bathini. “Ngenhlanhla kwakuba yingoma nathi esiyibona ifanele ukuhlukanisa unyaka.”

UMr Magic uthe bona babekhetha ingoma ethandwa ngabantu abaningi futhi eyayisuke ibhekwe ngabomvu.

Uthe ngezikhathi zabo kwakungavotwa kodwa ingoma yayikhethwa yikomiti.

"Sasibheka ingoma edlala kakhulu, sibheke neminye imisakazo ukuthi iyiphi ingoma ethandwayo kuyona sizwe nasezitolo zomculo. Umphathi wezinhlelo ngaleso sikhathi uBheki Msane wayethi uthini Sibiya, uthi yiziphi izingoma. Bese ngiyasho ukuthi yilezi ezikwi-Top 10. Ikomiti lalizibheka sivumelane ngazo sonke. Kwakungekho ngisho ukugwazelwa lapho ngoba uma ingoma ingadlalwa kakhulu uzoyiwinisa kanjani?"

UMANDLA Malakoane ubona ukubekwa kwebhizinisi phambili njengembangela yokwehla kwesasasa lengoma ehlukanisa unyaka Isithombe:SITHUNYELWE

UMr Magic uthe kwakuba yingoma yabantu edansisayo ebahlanganisayo bajabule hhayi bahlukane bapiklelane. Kwakushaya oNovemba izwakala ezowuhlukanisa ngoba yayisuke idlala kakhulu emsakazweni. Kwaqala ngoMroza ukuthi kube wumaskandi nokuyinto enhle ukuthi kungabi wuhlobo olulodwa lomculo."

UMalakoane uthe okubulale isasasa ukubekwa phambili kwebhizinisi lokwakha imali. Uthe kwesinye isikhathi sekuke kuqale isikhangiso ngaphambi kokudlalwa kwengoma. Esephetha uthe ukuvotelwa kwengoma kulehlisile isasasa ngoba akusayi ngokuthi ingoma imnandi yini kodwa sekuya ngokuthi umnikazi wayo unemali noma unabalandeli abaningi. UMr Magic uthe okungabuyisa isasasa ngalolu hlelo ukuba kuqedwe indaba yokuvotelwa kwengoma bese kubuyelwa ohlelweni olwalusetshenziswa kudala.

"Njengomphathi siteshi ngingathi ezihamba phambili kumaskandi azidlale kuSgiya Ngengoma emini. Ezokholo zidlale emini bese kuthi ebusuku sidlale ezomdanso. Ngiyazi ukuthi ukuvotisa kufaka imali kodwa abezokukhangisa abafune abaxhasi. Mhlawumbe kuthiwe ingoma ehlukanisa unyaka siyilethelwa wuMnyango wezokuThutha bese kuba yiwo ofaka imali ebizokwenziwa ngama-SMS." Abanye abasakazi asebeke babamba iqhaza kulolu hlelo ngoJoshua Mlaba, Kansas City Mchunu noMandla Malakoane nabanye.

Lezi zintandokazi zikhuluma kanjena nje, mkhulu umsindo ngengoma ehlukanisa unyaka kulo msakazo.

Ukudlalwa kwezingoma ebezingalindelekile yikho okwenza uKhozi lwaqala ukuqhamuka nezinguquko.

Lokho kwaqala ngokuthi unyaka uhlukaniswe yingoma yeMalaika eyayithi 2bhobho esikhundleni seyoShwi Nomtekhala eyayishisa izikhotha eyayithi Ngafa. Ngo-2012 kwaphinde kwashaywa amakhala ngokuthi unyaka uhlukaniswe yingoma kaDJ Tira eyayithi Summertime, esikhundleni sekaDJ Vetkoek & Mahoota eyayithi Via Orlando (Remake) ngo-2012.

Kuthe ngo-2015 Ukhozi FM kwaqala uhlelo lokuvotelwa kwezingoma ezilishumi nokwahlabana khona ingoma kaSPHEctacular & DJ Naves ngengoma ethi Kotw Anthem (Ngicishe Ngafa). Lolu hlelo lonakale sekuphumelela ingoma kaDJ Hlo ethi Isibani eyayingaziwa ngo-2021. Kuphinde kwaqubuka umsindo sekuphumelela ekaKhuzani ethi Umjolo ngo-2023, esikhundleni sekaMthandeni SK ebishisa izikhotha ethi Paris. Nakulo nyaka sewuqalile umsindo njengoba kuqokwe lezi zingoma:

A. Woodblock DJs – Skuta Baba

B. Thokozani Langa – Thokoza

C. Mthandeni SK ft Mawhoo – Gucci

D. Allen ft Big Zulu, Charlotte Lyf & Master KG- Unobuhle

E. Malungelo ft Rethabile Khumalo, Nokwazi & DJ ALE - Uyavela

F. Malini – Uthunyelwe abadala

G. Mjolisi ft Mnqobi Yazo- My Dululu

H. Black Major – Sdakiwe Sbali

I. Andile KaMajola – Liphakanyisiwe

J. Zintle Kwaaiman feat. Mpumi & TorQue MuziQ - Sabela.

Sekunabantu koTikTok asebekhale ngokuthi zimbalwa ezifanele ukuba kulo luhlu, iningi alaziwa.

Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela iSABC uMmoni Seapolelo ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.