NGEMVA kwezikhalo zabalandeli bakamaskandi ngesenzo sikaZimdollar, ongumsakazi woKhozi FM, sokuqopha ivideo encoma i-albhamu entsha kaKhuzani, iSABC ithi ayihlangene nakwenzile.
Lokhu kuza emuva kokuthi abantu abaningi bebekhononda ngesenzo sikaZimdollar. Kwivideo uZimdollar uvela esestudiyo sakwaSABC encoma i-albhamu entsha kaKhuzani, Inja Nogodo. Uzwakala ethi uKhuzani usebenzile kakhulu kule albhamu, wathi kuzolala kungadliwe kweminye imizi ngendlela uKhuzani anyuse ngayo izinga.
Abalandeli bakamaskandi abangenelisekile ngesenzo sakhe bathe okubaphatha kabi ukuthi akuyena yedwa umculi kamaskandi okhiphile njengoba uZimdollar, eqhakambisa yena. Bakhale nangokuthi besaba ukuthi umculo wabanye omaskandi uzoshayeka ngesithende emsakazweni ngenxa yokuthi uZimdollar ushayela uhlelo lukamaskandi emsakazweni.
Iphendula kulokhu iSABC ithe: “ ISABC ithanda ukuziqhelelanisa nodaba ngoba ivideo okukhulunywa ngayo ayizange idlalwe noma ifakwe ezinkundleni zakwaSABC. Okunye ukuthi iSABC ayikwazi ukulawula abantu abasayine izinkontileka ngokuzimela nayo, ukuthi balandela bani ezinkundleni zokuxhumana,” kusho okhulumela iSABC, uGugu Ntuli.
IGcokama Elisha, abantu abebelizwela ngesenzo sikaZimdollar, lithe liyazi ukuthi uKhozi FM lunenkinga nalo.
“ Mina noKhozi FM sibanga abalaleli, yingakho kwenzeka kanje. Ngeke ngiyikhulume kakhulu ekaKhuzani ngoba ngiyazi ukuthi ujwayele ukucela abantu ukuthi bamncome. Anginamona ngoba kusho ukuthi yinto emsebenzelayo leyo. Mina ngiyazimakethela umculo wami ngendlela yami futhi ngibona wenza kahle ngaphandle kokuncika kuKhozi FM,” kusho Igcokama Elisha.
Lithe alunasikhathi sokulalela Ukhozi FM.