INHLANGANO yezokusakaza iSouth African Broadcasting Corporation (SABC) ichitha imibiko yokuthi umsakazi okuvela ukuthi ukhuza ibuya kwiMetro FM, uTbo Touch, uzoyikha ngamafosholo imali.
NgeSonto iphephandaba iSunday World libike ukuthi uTbo Touch ubuyela kwiMetro FM ngenyanga ezayo futhi uzohola uR480 000 ngenyanga.
Lo msakazi, okuthiwa uzosakaza uhlelo lwantambama phakathi nesonto, kubikwa ukuthi weshelwe yisikhulu esiphezulu seSABC, uMadoda Mxakwe, kusuka ekuqaleni konyaka odlule.
Kuthiwa uTbo Touch ubefuna uR1 million, uMxakwe washaya phansi ngonyawo kepha bagcina bevumelene ngoR480 000. UR30 000 kuwo kuthiwa ngowemoto.
Okhulumela iSABC uGugu Ntuli uthe uMxakwe akazihlanganisi nezingxoxo zezinkontileka zabasakazi ngoba lowo ngumsebenzi wabaphathi bezinhlelo nabaphathi beziteshi.
“Ngaphezu kwalokho iSABC ayiyikhokhi imali yemoto neminye imihlomulo kubantu abayitoho,” kusho yena.
Uthe kunemigomo elawula imisakazo nokuyiyo eshoyo ukuthi abantu abayitoho bahola malini futhi akekho ongahola ngisho uhhafu wale mali eshiwoyo.
Uqhube wathi abayitoho abahlangani nokufuna izikhangiso kwazise iSABC ayibakhokheli ngalokho ngaphandle kwabantu ababhekene nalowo msebenzi.
UTbo Touch akakathi vu ngokubuya kwakhe emsakazweni. UDJ Sbo umhalalisele kwi-Instagram uTouch waphendula ngokuthi: “ Uyazi ngiyakuthanda futhi ngiyakuhlonipha mfo.”