KUTUSWE umphathi siteshi esizinze phakathi eDurban Station ngokuthuthuka komsakazo osunezinsiza kusebenza ezintsha.
UVela Xulu ongumphathi weZwi Lomzansi FM ubongwe abasebenzi nokuhlala ebeka bona phambili nezimfuno zabo ezibalekelela ukuthuthukisa impilo yabo. Konke lokhu kuvele emcimbini obusezindlini zakaPrasa lapho bekwethulwa khona ngokusemthethweni istudio sokusakaza esenziwe kabusha sonke.
Okhulumele abasenzi uNqobile Manyathi uthe lesi siteshi sesiphenduke ikhaya kubo njengoba bekwazi nokuvulela umphathi izinkinga zabo zasemakhaya. Akugcini lapho ngokusho kwakhe kodwa uphinde abahlinzeke nangokudla ngesikhathi somsebenzi nokuyinto engajwayelekile endaweni yokusebenza.
"Sinenhlanhla ukuba nabaphathi abanobuntu. Sikwazi ngisho ukubabikela izinkinga zasemakhaya bayaseluleka sibuye sixoxe namahlaya. Ngicela ozakwethu bengazibukeli phansi ngoba basebenza ngendlela esezingeni eliphezulu. Konke kuyimphumela yokuphathwa kahle abaphathi bethu, " kusho uNqobile.
Ngesikhathi kuqhubeka lomcimbi izinhlelo zomsakazo bezingamile njengoba uqweqwe lentatheli uMenzi Jele noNosipho Ngubane kanjalo noMlungisi Mtolo bebeyibambile.
Umsakazi weGagasi FM u-Alex Mthiyane uyale abasakazi nalesi siteshi ukuthi bathole izindlela zokuzithuthukisa kodwa bangalenzi iphutha lokukopela bafune ukusakaza njengabeziteshi ezinkulu lapho besafisa ukuya khona. "Ngibonga ukumenywa ngizoba yingxenye yento enhle kangaka eyenzekayo namhlanje. Ngiyafisa niqhubeke nokwenza kahle ningayishintshi indlela enisakaza ngayo izinhlelo zomphakathi," kusho uMthiyane.
UXulu uthe ukholelwa ukwenza izinto zenzeke kunokukhuluma kakhulu. UXulu ubonge abasebenzi ngokuzikhandla kwabo kanjalo noMthiyane ngokuba nesandla ekuthuthukisweni kwalesi siteshi kulandela nemshini yokusakaza eyanikelwa iGagasi FM kwiZwi Lomzansi FM. Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2014 sasha sangqongqa lesi siteshi kodwa bakwazi ukusivusa kabusha ngenxa yokuphathwa ngendlela kwezimali kulo msakazo.