KUZWELE kwabaningi ukudlula emhlabeni kwengqalabutho yezokusakaza uBob “The Jammer” Mabena oshone izolo ntambama.
Izindaba zokushona kwakhe ziqinisekiwe yisiteshi abesakaza kuso iPower FM esitatimendeni.
Isitatimende sithe ushone ngemuva kokumelwa yinhliziyo isigubhukane.
“Umndeni uzama ukwamukela ukudlula kwakhe futhi ngenkulu inhlonipho unxusa ukuthi unikezwe isikhathi. Eminye imininingwane izovela ngokuhamba kwesikhathi,” kusho isitatimende.
UWinston Maimane osondelene nomndeni uthe ubenenkinga yokuhlushwa ngamaphaphu.
Ekhuluma esiteshini sezindaba i-eNCA izolo uthe ubengenalo igciwane iCorona.
UBob (51) ushone esengumethuli wohlelo lwasekuseni phakathi nesonto kulesi siteshi sezingxoxo esizinze eGoli.
Ngokwe-website yakhe, waqala ukusakaza ngo-1989 esiteshini esesafadabala iRadio Bop. Ngemuva kokuhlala iminyaka emithathu eNorth West futhi esengene nakwithelevishini, wathathwa ngowayengumphathi weMetro FM, uKoos Radebe, ukuba ajoyine umsakazo wakhe.
Kungaleso sikhathi lapho ethula khona izinhlelo zethelevishini okubalwa kuzo iPick a Tune neStudio Mix.
Ngo-1996 udlulele esiteshini i-94.7 lapho ethula uhlelo lwasekuseni ngaphambi kokuthola isikhundla.
Uke wasebenza nakwiKaya FM ngo-1999 ukuyothula uhlelo lwasekuseni wagcina esengumphathi wezinhlelo futhi waba ngumphathi wesiteshi.
Uke waba ngumphathi weziteshi ezingenisa inzuzo eSABC iMetro FM, 5FM neGoodHope FM iminyaka emibili. Uke waba futhi wumqondisi weGagasi FM neHeart FM.
Ngemuva kwalokho ubuyele kwiKaya FM njengomethuli wohlelo lwasekuseni iminyaka emihlanu.
Ushone engumphathi wePower FM lapho ebethula khona uhlelo lwasekuseni.
Imiklomelo yakhe ihlanganisa eyokuba ngumsakazi ovelele kumaRadio Awards ngo-2013 futhi wahlonishwa njengengqalabutho kwezokusakaza ngokufakwa kwiHall of Fame emiklomelweni efanayo ngo-2012.
Abantu abaningi bazwakalise ukuphatheka kabi ezinkundleni zokuxhumana ngokushona kwakhe. Phakathi kwabakhalile kubalwa kubo uDJ Fresh othe ufunde okuningi kuBob, uZanele Mbokazi othe wamgqugquzela ukuthi athande umsakazo, DJ Sox, owayengumsakazi weMetro FM * -Azania, ProVerb nabanye abaningi.