KWENZIWE izinguquko ezinqala ezinhlelweni zaphakathi nesonto kwiMetro FM njengoba kufakwe abasakazi abasha abazoqala ngo-Ephreli 1.
Uhlelo lwasekuseni ngo-5 kuya ku-9 phakathi nesonto luzojoyinwa nguKhutso Theledi osuka kwiYFM. Isolezwe libikile emasontweni edlule ngokujoyina kwakhe.
Uzosebenza noMo Flava ake asebenza naye kwiYFM. UDineo Ranaka ngo-9 kuya ku-12 emini uzoqhubeka yedwa bese kuthi ngo-12 kuya ku-3 uLerato Kganyago ajoyinwe nguProverb.
IKings of the Weekend, uSphectacula noDJ Naves, bakhishiwe isikhala sabo sathathwa nguTbo Touch okhuza ibuya kulo msakazo.
UTbo Touch uzobe esakaza yedwa. USphectacula noNaves babuyela ohlelweni abake balwenza ngaphambi kokuhamba kwiMetro FM baye kwiGagasi FM, iKings of the Weekend, ngoMgqibelo ngo-7 kuya ku-10 ebusuku.
NgoLwesihlanu nangoMgqibelo ebusuku uDJ Mlu ukhishiwe, isikhala sakhe sathathwa nguRyan the DJ ohlelweni, i-Urban Beat.
Obengumsakazi we-5FM, uNonqaba “Ms Cosmo” Rwaxa, uzobambisana noKhanya Siyengo ohlelweni, iThe Encore, ngoMgqibelo ngo-12 kuya ku-3 ntambama.