UMSAKAZI omusha weGagasi FM, uPortia Maphumulo, ufuna ukuhamba ezinyathelweni zomethuli wezinhlelo zezingxoxo kwiSA FM, uSakina Kamwendo.
“Nguyena umsakazi engikhule ngibukela kuye kulo mkhakha,” kusho uPortia (28) osakaza uhlelo lwakhe kwiGagasi ngoMgqibelo nangeSonto phakathi kuka-1 no-4 ekuseni.
UPortia usenamava kulo mkhakha. Waqala ngo-2014, esenza ama-voice over ezinkampanini ezihlukene okubalwa kuzo iVuma FM ne5 FM.
"Ngiqale ukusakaza esiteshini somphakathi esihamba phambili, iZwi Lomzansi lapho ngangibika khona ngesiminyaminya sasemigwaqweni. Ngabe sengisakaza ngokuhlanganyela noMafresh uhlelo lwantambama. Okuhlekisayo wukuthi ngangithumele i-demo yami yokusakaza ngesiNgisi kodwa kwathiwa mangiyithumele ngesiZulu. Ngawuthola kanjalo umsebenzi. Abalaleli bese bengiteketisa ngelikaHello Drivers ngoba nami bengivamise ukusho kanjalo kubo uma sengethula imibiko ngezasemigwaqweni." UPortia uthe wabe eseshelwa yisiteshi sentsha saseThekwini, iDurban Youth Radio ngo-2019 emuva kokungqongqoza eminyangweni eminingi kungalungi.
"Ngaqala ngisakaza uhlelo lwasebusuku phakathi kuka-6 no-9 ngaphambi kokugixabezwa ngolwaphakathi kuka-9 no-12 emini. Wabe esedluliselwa kolwangoMgqibelo phakathi kuka-9 no-12 ebusuku.
"Ngaleso sikhathi uYamkela nami besilokhu siphosta izinto ezinkundleni zokuxhumana. Lingithole kanjalo iGagasi FM, langicela ukuba ngithumele i-demo neminingwane ethize."
Uthe kumjabulisa kakhulu ukuba sesiteshini esikhulu njengeGagasi.
"Ngiyazithoba kakhulu. Umsebenzi wami wokusakaza sewufike lapho ngithanda khona." Eqhuba uPortia uthe akazile ukuzosinisa amahleza kwiGagasi kodwa ithuba uzolibamba ngezandla zombili ngoba ufuna ukuzakhela igama kule ndima futhi akasazimisele ngokubheka emuva.
"NginguPortia Maphumulo. Abantu kuzofanele bahlale bekukhumbula lokho."
UPortia udabuka eLamontville. Ufunde e-Addington Primary naseSouthlands Secondary lapho aphothula khona u-matric. "Emuva kukamatikuletsheni ngenza izifundo ze-architecture kodwa ngangaziqeda ngenxa yokuswela imali ngaleso sikhathi." Kubo unguzinyobulala njengoba engalami muntu futhi engalanywanga.