ISITESHI somsakazo esigubha iminyaka engu-15 sasungulwa iGagasi FM, sithi situsa ukwesekwa ngabalaleli baso ngokubagixabeza ngenkece.
IGagasi elaqala ukusakaza ngoMashi 13, lipha abalaleli imali ukuze bafukule amabhizinisi abo.
Okhulumela isiteshi uKhulekani Shandu, uthe imigubho ike yaphazamiseka ngemuva kokukhothama kweSilo Samabandla Onke.
"Imigubho yethu siyimisile ngenxa yokukhothama kweSilo ngoba sasingeke sikwazi ukuqhubeka nemibhiyozo. Njengamanje siyaqhubeka nayo kodwa asenzi into enkulu ngoba asikwazi ukwenza imicimbi ngenxa yesimo sezwe. Kunalokho siphe abalaleli bethu abangu-15 uR1 500, ngamunye futhi kunabazohlomula ngemali yokukhulisa amabhizinisi abo," kusho uKhulekani.
UPhinda Magwaza oyiHead of Brand, uthe amabhizinisi amaningi amancane ashayekile ngenxa yomvalelandlini futhi babone kungcono ukuthi bafake isandla ukuze asimame.
"Iqiniso ukuthi amabhizinisi amancane ondla imindeni eminingi emakhaya aselokishini. Uma ucabanga amabhizinisi anjengezindawo zokucwala izinwele, ama-tuckshop namanye amabhizinisi aselokishini, aqasha abantu abasha abaningi nabazali abondla imindeni yabo," kusho uPhinda.
Uthe lo mncintiswano wenzelwe bonke osomabhizinisi baKwaZulu-Natal abafuna uxhaso lwemali ukuze baqhube amabhizinisi abo.
UKhulekani uthe amabhizinisi azothola uR15 000 ngalinye futhi bazokhetha amathathu.
Uthe abanikazi bawo noma amakhasimende angabhala achaze ngebhizinisi abona lidinga uxhaso bese ethola ifomu elikwi-website yabo noma emakhasini abo ezinkundleni zokuxhumana.
Uthe abaphumelele bazomenyezelwa ohlelweni luka-Alex Mthiyane Indaba. Uqhube wathi ngeke bagcine ngokuwasiza ngemali kodwa bazophinde bawavakashele basakaze khona ukuze bawamakethe.