UFUNA ukwandisa ulwazi lwakhe lomsakazo ngemfundo uNoluthando Ngobese, owaziwa ngelika "Ndoni", ongumsakazi esiteshini somphakathi iTheku FM.
Le ntokazi yaseChatsworth eThekwini, ithi ukusebenza emisakazweni ehlukene emincane kuyisize yabona ukuthi umsakazo iwuthanda kangakanani.
Eqeda umatric e-Asoka High khona eChatsworth ngo-2011, uNoluthando uthe wayebheke kakhulu emkhakheni wethelevishini kodwa akuhambanga ngendlela afisa ngayo.
“Ngafundela ukuba umeluleki iminyaka emithathu, ngemuva kwalokho ngaphinde ngaya kofundela umkhakha othinta ezokuphepha ngase ngiyahlala phansi ekhaya ngangazi ukuthi ngizokwenzani. Ngezwa kuthiwa kwiMbokodo FM kukhona ithuba lokuqeqeshwa uma ufuna ukungena emsakazweni, ngempela ngaya khona, ngathola nethuba lokungena emsakazweni isonto elilodwa okwangenza ngafuna ukuzibona ngiya kude,” kusho uNoluthando.
Ngemuva kwalokho uveze ukuthi usebenze emisakazweni ehlukene esakaza online.
“Ngiqale ku-Entouch Radio, la ngasebenza khona iminyaka emibili ngenza izinhlelo ezihlukene. Ngasuka lapho ngangena emsakazweni iDubane FM khona ngasebenza unyaka nezinyanga ezimbalwa, ngathola ithuba kuTheku FM, ngonyaka odlule ngoMashi. Emsakazweni iTheku FM ngisakaza uhlelo lwasekuseni olungena ngoMgqibelo nangeSonto kusukela ngo-6 ekuseni kuze kube u-10. Uhlelo lwami lubizwa ngokuthi iSiyanqoba Weekend Breakfast Show. Kulona sisuke sikhuluma nabantu ngezihloko ezihlukene bese sinandisa kakhulu ngomculo ohambisana nalolo suku,'’ kuchaza uNoluthando.
Uthe uyakuthanda ukusakaza ngoba iyona ndlela abona efinyelela ngayo kubantu abasha.
Uphinde waveza ukuthi akagcini ngokusakaza kuphela kodwa ubuye abe umkhangisi okuyinto aqala ukuyenza esemncane nalapho esebenzisa leli thuba ukukhuthaza abantu abasha ngokuziphatha kahle uma ungowesifazane osemncane.