IMISAKAZO kumele njalo ihlale iqhamuka nezindlela zokuheha abalaleli kwazise umbango ushisa phansi ngoba miningi abantu abakhetha kuyo.
Phambilini bekwaziwa ukuthi umsakazo yinkundla ekwakhela isithombe ngamagama wena bese usidweba emqondweni ukuthi umsakazi ukhuluma ngani.
Esikhathini samanje kodwa sekusetshenziswa nezinkundla zokuxhumana ukufaka lokho umsakazi asuke ekhuluma ngakho noma ukuheha abalaleli abasha.
Baningi-ke abangeneme ngokuba khona kwezinkundla zokuxhumana ngoba bekhala ngokuthi abasakazi bavele bathathe izinto khona bazenze izihloko abakhuluma ngazo emoyeni.
Yize kunjalo kodwa kumele singabukhohlwa nobuhle bazo. Ngale nje kokuthi zenza ukuxhumana komlaleli nomsakazi kusheshe kodwa ziheha nabalaleli abasha.
Abantu abangezwa ezindlebeni sebeyakwazi manje "ukuzwa" ukuthi kukhulunywa ngani emsakazweni. Lokhu ngikubone ngo-Andiswa Gebashe ekhasini loKhozi FM. Njalo ngoLwesihlanu u-Andiswa ungena ohlelweni lukaBheka "Beekay" Mchunu, iKanye Nawe. Lolu hlelo, oludidiyelwa nguSbo Fokol, noNomfundo Mkhize lungena ngo-12 kuya ku-3 ntambama phakathi nesonto.
Ingxoxo uBeekay asuke enayo nesimenywa isuke isakazwa bukhoma ekhasini loKhozi FM ngu-Andiswa eyethula nge-sign language. Lobu wubuchule obudinga ukushayelwa ihlombe ngoba angikaze ngikubone kwenziwa phambilini.
Kwenza umsakazo noma Ukhozi lufinyelele nakubantu okade lingafiki kubo phambilini, abangezwa ezindlebeni. Kwenza uhlelo lukaBeekay luvuleleke kubantu abathe xaxa futhi lugqame nasezinkundleni zokuxhumana ngoba uyazi phela abantu bayathanda ukuba sematheni ezinkundleni bethi baya"trenda".
Ngiyafisa ukuthi Ukhozi luyifakele izibuko eka-Andiswa, uma ikhona indlela angagcini kuphela ohlelweni olulodwa. Empeleni iSABC njengomsakazeli womphakathi kumele izame ukuthi ibaqashe babe baningi abakhuluma ngezandla, mhlawumbe babe kuzona zonke izinhlelo ukuze kusizakale abangezwa. Kungagcini nje kuphela kuKhozi FM kodwa nakwezinye iziteshi.
Ubani owathi abangezwa abafuni ukubuka iGenerations noma Uzalo? Abafakwe abe sign language uma kudlala nalezi zinhlelo kungagcini nje kuphela ngokuthi ziyabhalwa izinhlamvu zabasuke bekhuluma ezansi.
Ukubaluleka kwe-sign language ukubona uma kuthiwa kukhuluma mhlawumbe uMengameli wezwe bese kuba khona owezandla. Ngithi akungagcini lapho, akube yinto nje ejwayelekile. Ngaphandle kokuthi lokhu kuzodala amathuba omsebenzi kodwa kuzokwenza nabafowethu nodadewethu abangezwa basizakale.
Ungangibhalela [email protected], kuTwitter @FaneleBengu noma kuFacebook Fanelesibonge Bengu