INHLANGANO yezokusakaza eyengamele Ukhozi FM, iSouth African Broadcasting Corporation (SABC), ithi isinqumo sokungamfaki uKhathide "Tshatha" Ngobe sisemthethweni futhi kumele sihlonishwe.
Lokhu kuza emuva kokuthi kuqalwe umkhankaso wokusayina i-petition (Incwadi yomkhankaso othile okumele isayindwe ngabantu abawusekayo) ku-www.change.org, ethi Ukhozi kumele lubuyise uTshatha ngale kokuchitha isikhathi.
"Isizwe sonke sikaZulu selokhu kwathi nhlo, silalela umsakazo Ukhozi FM. Kubukeka sengathi Ukhozi alusenandaba nemibono yabalandeli balo. Sikholelwa ekutheni uTshatha Ngobe uyena muntu okwazi ukusithatha asibeke ebuntwini nasebuZulwini bethu. Uyena muntu okufanele ukuqhubeka asazise ngemvelaphi namasiko ethu. Kulesi sikhathi sokulahlekelwa Isilo, umuntu obengasakaza kahle asinike induduzo eyiyonayona sikholelwa kakhulu ukuthi uyena uKhathide, ngakho ke siyanxusa njengabalaleli balo msakazo ukuba abuyiswe ngokukhulu ukushesha," kusho umbhalo ochaza ngale-petition.
Uqhube wathi sekukaningi Ukhozi lubafaka umunwe esweni njengabalaleli, ngakho sekwanele.
Lo mkhankaso kuvela ukuthi uqalwe wabizwa nge-Bring Back Tshatha.
Izolo emini ubususayindwe ngabantu abangu-5 815.
Obambe njengomkhulumeli weSABC, uMmoni Seapolelo, uthe uTshatha ngeke aze abe semoyeni kuze kuphele uMashi.
"I-SABC iyayihlonipha imibono yabo bonke abalaleli bayo futhi ithanda ukunikwa ithuba lokubhekana nezindaba zangaphakathi ngokulandela imigimo nezinhlelo zakwandabazabantu zayo," kusho uMmoni.
Uthe Ukhozi luqashe abantu abaneziqu nabangakwazi ukunikeza abalaleli abakulindele.
UTshatha wamiswa maphakathi noJanuwari emuva kokuphawula kwiFacebook ngengoma eyahlukanisa unyaka ngo-2005, wathi kwakumele kuwine uShwi noMtekhala kodwa unyaka wahlukaniswa iMalaika ngengoma eyayithi 2bobo.