WONGAPHANSI nongaphezulu phakathi kukaMzwakhe "The People's Poet" Mbuli neNhlangano yezokusakaza kuleli iSABC emuva kokuba uMzwakhe esole uKhozi FM ngokudlala umculo kamufi uSteve Kekana ngoba engasekho emhlabeni. UKekana udlule emhlabeni ngezintathakusa zangoLwesine esibhedlela sasePolokwane emuva kokungeniswa khona ngoLwesithathu exinwe yisifo esihlobene neCovid-19.
UMzwakhe uthe uKekana noMoses Ngwenya weSoul Brothers bawubeke ezingeni eliphezulu umculo njengoba baze bahlonishwa ngeziqu zobudokotela kodwa uKhozi nabadidiyeli balo bomculo bawubulala ngenxa yokufuna i-payola (okuyimali yokugwazelwa okuthiwa ifunwa ngabasemsakazweni ukuze badlale umculo wabagwazile).
"USteve Kekana uqophe inqwaba yama-albhamu ombhaqanga, agcine engadlalwangwa kuze kube yimanje. Namhlanje abazenzisi sebedlala umculo kaSteve Kekana? Yihlazo leli eNingizimu Afrika. Ngomhla ka-25 Juni kube nezithunywa ebeziye oKhozini, ziholwa nguPhumuzani Phoswa, ziyocela ukuba kudlalwe umculo wombhaqanga.
Oyisikhulu esiphezulu kwezokukhangisa kwaSABC, uGugu Ntuli, uthe uMzwakhe usenga ezimithiyo uma ethi umculo kaKekana bewungadlalwa futhi naye wubenganakiwe yiziteshi zabo.
"I-SABC ingakuqinisekisa ukuthi umculo kaDkt Steve Kekana bewufakiwe ohlwini lwezingoma obekufanele zidlalwe kuKhozi FM futhi wubudlalwa kahle. Ukwengeza, uyiciko eliqhakanjisiwe kaningi wumsakazo. Okwakamuva nje ngoNovemba 2020 wayeyisimenywa esikhethekile ohlelweni Ezingasoze Zabuna. Ngalolo suku wanikezwa ithuba lokuba aziqoke izingoma azithandayo nezakhe ezisohlwini olugunyazwe wumsakazo.“
Eqhuba uGugu uthe umsakazo ubuye wakhuluma naye ezindabeni ebezithinta ukukhubazeka, kudingidwa ngesimo somculo eNingizimu Afrika, ezemfundo nangokunandisa kwakhe.
"Ngo-2017 umsakazo wabambisana nabeFreedom Heritage Festival lapho yena noJoe Nina noSipho 'Hotstix' Mabuse babenandisa khona. Umsakazo wabuye wasingatha abaculi abathathu ukuba bazonandisa bukhoma ohlelweni lwasekuseni ngo-2017 eM1 Studio. U-Dkt Kekana wayehlale etholakala emsakazweni uma kukhona adingelwa khona. Wubenobudlelwano obuhle kakhulu nabasakazi nabalaleli," kuchaza uGugu.
Esephetha uGugu uthe zikhona izingoma zikaKekana ebezisaklelisiwe, okubalwa ethi In The Name of Love kusukela ngo-2019.
"Ethi Wela kusukela ngo-2018, ethi African Lady kusukela ngo-2017, ethi Iphupho kusukela ikhishwe kabusha ngo-2009 nonqambothi abalwenza noNana Coyote oluthi Take Your Love And Keep It." Uthe kuze kube yimanje umsakazo uyaziqhenya ngokuqhubeka nokuqhakambisa umculo wakuleli, omdala nomusha nokuqhubeka nokuhlonipha nokugubha ngempilo kaKekana ngomculo.
"Njengoba sixhumana nababesebenza naye nabebewuthanda umculo wakhe. Ukhozi FM luthanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubalandeli bakhe," kuphetha uGugu.
Kwenzeka lokhu nje uMzwakhe uke wahola ithimba lamanye amaciko layobhikisha phambi kwezindlu zokusakaza zakwaSABC likhala ngokugwaziswa kwabaculi. Baze baluthatha udaba lwaba lwabo balufaka nasophikweni lwamaphoyisa olubizwa ngoKlebe. Yize oKlebe bakuqinisekisa ukuthi selufikile nakubo udaba lokugwaziswa kwabaculi, ikakhulukazi oKhozini kodwa bathi basalindele abaculi abazophumela obala basho ukuthi yibo abagwaziswa.
*U-Dkt Steve Kekana uzofihlwa emathuneni angakubo eZebediela, eLimpopo ngoLwesine ekuseni, emuva kwekonzo yesikhumbuzo ezokuba kusasa ngoLwesibili eLibrary Gardens, ePolokwane.