NGONYAKA odlule ngesikhathi kuqala umvalelandlini ngenxa yokubhebhetheka kwegciwane iCovid-19 kwavele kwangaba mnandi ukulalela umsakazo.
Lokhu kungenxa yokuthi abanye abasakazi bakhululwa ukuthi basakazele emakhaya ngoba kugwenywa ukuthi kuhlanganyelwe ndawonye estudiyo nokuthi kusetshenziswe imishini eyodwa.
Izimenywa estudiyo zavalwa kwaxhunywana nazo ngeselula. Zonke lezi zinto kwesinye isikhathi zazingasheleli ngendlela, kugcina kunobuhixihixi noma uzwe nje abasakazi uma bekhuluma omunye efune ukungena omunye emlonyeni ngoba basezindaweni ezingafani.
Okunye ukuthi nabadidiyeli bebesebenzela emakhaya okusho ukuthi babengekho abantu abahlunga izingcingo ngaphambi kokuthi zingene emoyeni. Kuvele kufone umuntu engezwanga nokuthi kukhulunywa ngani abuze esesemoyeni kanti ukuba khona komdidiyeli kugwema zonke lezo zinto.
Ukuncishiswa kwemithetho yomvalelandlini bese kwenza isimo ukuthi sibuyele kwesijwayelekile ngoba abasakazi nabadidiyeli babo basestudiyo. Nezimenywa kwezinye iziteshi zivunyelwe manje ukuthi zifike mathupha estudiyo.
Kulezi zinsuku ezedlule ngezwa ngathi ubuhixihixi bangonyaka odlule buyabuya ngenxa yokunqanyulwa kukagesi okuhleliwe okwenziwa yi-Eskom.
Inkinga evele ibe khona ukuthi uma endaweni yangakini ugesi unqanyuliwe ngaleso sikhathi kubheda namanetwork amaselula kube nzima ukungena kwi-internet noma ukushaya ucingo.
Akuzona zonke izimenywa ezikwazi ukufinyelela estudiyo ngakho ukushaya ucingo kusazolokhu kukhona.
Bengilalele uhlelo Ezisematheni kuKhozi FM, umsakazi ethwala kanzima ukuxhumana nentatheli efuna ibike bukhoma ngokwenzeka endaweni yesigameko.
Kube ngesifanayo futhi ngilalele umsakazi weSAfm u-Aldrin Sampear ezama ukuxhumana nelungu lomndeni wowesifazane okusanda kutholakala izicubu zomzimba wakhe eSoweto. Ulayini ubulokhu unqamuka nokuphoqe ukuthi ingxoxo ize ihlehliswe.
Uma ukunqanyulwa kukagesi kusazolokhu kuqhubeka, kuzomele nabadidiyeli bahlele kangcono manje ukuzama ukunciphisa ubuhixihixi. Uma bevumelana nomuntu ukuthi bazofonelana nini, abazame ukubheka ukuthi ugesi uzonqanyulwa nini bese lowo muntu enza isiqiniseko sokuthi usendaweni engcono ngesikhathi azofonelwa ngaso. Ngalokhu umsakazo uzobuyela ezingeni esilazi ngawo.
Ungangibhalela [email protected], kuTwitter @fanelebengu noma kuFacebook Fanele Bengu