KUTHUSE abaningi ngoLwesine ngesikhathi umsakazi woKhozi FM, uSiyabonga 'Siya' Mhlongo, ephuma engasavalelisanga ohlelweni lwantambama alwethula noSelbeyonce Mkhize.
Uhlelo luze lwaqedelwa nguzakwabo uLee Hlophe, olandwe isigubhukane esemhlanganweni wabasebenzi. Nayizolo uhlelo belusabanjwe nguLee yedwa. Abanye basole ukuthi udubile ngenxa yokukhishwa kulolu hlelo ngoba kubikwa ukuthi uSelbeyonce usezolusakaza noKhathide "Tshatha" Ngobe.
Abanye bathe uhlaselwe wukugula isigubhukane, okumphoqe ukuba ashiye umbhobho. Ebuzwa okhulumela iSABC, okuyinhlangano esingethe Ukhozi FM, uNksz Gugu Ntuli, uthe abakwazi ukuphawula ngokuphuma kukaSiya ohlelweni isigubhukane.
"Abaphathi abanayo inkululeko yokudingida ngezindaba ezimayelana nempilo yabasebenzi babo."
Uthe angakuqinisekisa ukuthi uSiya akaxoshiwe kulo msakazo. "Usazoqhubeka nokuba ngomunye wethimba elisemqoka ekusebenzeleni umphakathi," kuphetha uNksz Ntuli oyisikhulu esiphezulu ophikweni lweCorporate Affairs and Marketing. Ayiphumelelanga imizamo yokuthola uSiya ukuba aphawule, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.