ABAMABANDLA aseZayoni agqemeke udume lwengozi ngokudlula emhlabeni kobengumfundi wezindaba oKhozini, uSicelo "Mbhishophi oMkhulu" Mbokazi ngoba abazi ukuthi ngubani osezoba nendaba nabo kwaSABC.
Ekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo sikaMbokazi ebiseThekwini Community Church, eThekwini ngoLwesine, uMbhishobhi Nzuza (igama elingatholakalanga), uthe yinkulu impi ebiliwa wuMbokazi kwaSABC ukuze nabaseZayoni babe nezwi ezinhlelweni zakhona
"Ubewusizo kithina Zayoni. Ngosizo lwalo mfowethu, iZayoni bezinendawo yazo. Zinohlelo lwazo kwaSABC. Mhlawumbe (njengoba engasekho) ngeke iZayoni zisaba nethuba lokuzwakala," kubalisa uNzuza. UMbokazi uchazwe njengomuntu obenamahlaya ngisho kukubi. Lokho kuvezwe ngobenguzakwabo, u-Irvin Sihlophe ngesikhathi ephethe uhlelo ngokubambisana noThabani Khumalo enkonzweni. UThemba "TK" Khumalo, owayefunda izindaba oKhozini, uchaze uMbokazi njengomuntu obesebenza ngokuzikhandla kuyo yonke iminyango kodwa engabheke sikhundla. Uthe umufi ubewumuntu obengalibambi igqubu. "Besixabana noSicelo, singabhekani kodwa ungayingeni ngoba sizothi masiqala sikhuluma, sewusele wedwa. Ngenxa yokuthi bengimdala kunaye, bengimtshela ezikabhoqo, athi akatshelwa yintombazane."
Uthe bebebuye babonane ngasese esezoxolisa futhi esemsola ngokumthethisa phambi kwezingane. UDumisani Ndimande, ongumdidiyeli omkhulu wezindaba, uncome uMbokazi ngokuhlonipha umsebenzi. Uthe abanye ozakwabo bagcina sebekhohlwa wukuthi bazokwenzani kwaSABC kodwa sebengonontandakubukwa. Uthe ubengakhonziwe ngabantu abamnyama kuphela kodwa nozakwabo abangamaNdiya bebewazi amancoko akhe, kangangoba bebebuye bambange. Kubantu abagqamile emphakathini abebehambele inkonzo kubalwa uMbhishophi Vusi Dube nokhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, nezinye izintatheli ezinohlonze ezinjengoSphamandla Goge, Nkule Hlophe, Fanele Mhlongo, Siyethemba Selimathunzi, Phindi P, Somnyama Khumalo, Differ Nzama nabanye. UMbokazi, owashona ngoLwesihlanu olwedlule emuva kokugula isikhathi eside, uzofihlwa emathuneni akubo esigodini saKwaNqofela, eMacambini namhlanje emuva kwenkonzo ezoqala ngo-8 ekuseni. Umufi ushiye emhlabeni umkakhe, amadodana nendodakazi noyise.