LUSEMATHENI kulezi zinsuku uhla lwezingoma eziwu-10 okuzokhethwa kuzo eyokuhlukanisa unyaka, emsakazweni uKhozi FM.
Uhla lwezingoma ludalulwe ngeledlule lwashiya abaningi bekhuluma. Okuqubule kakhulu izinkulumo wukuthi ayikho neyodwa ingoma kamaskandi eqokiwe kulo luhlu.
Kuzokhumbuleka ukuthi singene ku-2021 ngengoma kaKhuzani ethi Ijele kanti yayiqokiwe neyeGcomaka Elisha ethi Amageja.
Kanti, sake sawuhlukanisa unyaka ngoMroza ethi Van Damme, ngesikhathi umncintiswano usabizwa ngeSABC Summer Song of the Year. Bengikulindele ukuthi abathandi bakamaskandi bazokususa ukukhuluma, kungakhathalekile ukuthi iqokiwe noma ayiqokwanga ingoma yalolu hlobo lomculo.
Ngonyaka odlule kukhona ababekhuluma bethi bakhathele ukudansela umaskandi ebusuku ngoDisemba 31. Kulokhu njengoba engafakwanga nje, “amabhinca” ayakhala.
Abaculi abaningi bamaskandi basanda kuzikhipha izingoma zabo, lokho kwenze abangakwazi ukuqokwa ngoba kubhekwa ukudlalwa kwengoma emoyeni, izincomo zabalaleli nezangaphakathi emsakazweni.
Okumnandi kakhulu ngalo mkhankaso woKhozi FM weNgoma Ehlukanisa Unyaka, ukuthi abaculi abaqokiwe bazuza lukhulu.
Ngaphandle nje komklomelo abawuthola ngoDisemba 31, ngokudla umhlanganisa nangokuklolodela abanye, wukuthi ingoma idlalwa ubuthaphuthaphu. Izingoma eziqokiwe zikhala ubusuku nemini emoyeni nokuyinto eyenza ukuthi bagaye enhle imali, kwazise imisakazo iyakhokha ngokudlala umculo.
Baphinde bathole nethuba lokuba yizimenywa emoyeni. Ngaphandle kwalokho baphenduka inyama nakubahleli bemicimbi ngoba bekholelwa ukuthi banezingoma ezishisa izikhotha ngakho bazoheha izinkumbiu zabantu emicimbini yazo. Konke lokhu kwenza lo mkhankaso ubaluleke futhi nokuqokwa kwengoma, kube yinto enkulu.
Ngike ngacabanga ukuthi ukuze usize abaculi abaningi, kungaba njani uma abaqokwayo bengaba u-20, kuhle kohlelo lukaTshatha ngezimpelasonto lapho ememezela khona izingoma eziwu-20 ezihamba phambili?
Kanti ngike ngizwe kwiGagasi FM kubalwa izingoma ezingu-100 kusuka emini. Kodwa, ngakolunye uhlangothi kubuye kuthi kimi njengoba bebancane kanjena nje abaqokwayo, kuzogqugquzela abaculi ukuthi basebenze ngokuzikhandla ngoba bazi ukuthi isikhala sincane sokuthi baqokwe.
Ngoba sesiyazi ngobani abaqokiwe, sesilinde ukubona ukuthi yimuphi umsakazi oyosithatha asiwelise ku-2022.