SENGINEMINYAKA ngiyibambile kule ngosi futhi baningi abasakazi okuthi uma ngibhale ngabo bese ngizinika isikhathi ngibalalele ezinhlelweni abazenzayo.
Namhlanje kuyona ngizonxusa imisakazo emikhulu ukuthi ingalilibali ithalente eliseziteshini zomphakathi njengoba kusukela ngo-Ephreli 1, iziteshi ezinkulu zizobe zenza izinguquko.
Intsha eseziteshini zomphakathi sekukaningi uma ngikhuluma nayo kule ngosi iveza iziteshi zakuleli efisa ukuba yingxenye yazo.
Bambalwa abantu engizobaveza kule ngosi engingangabazi ukuthi sebengangena bathi khaxa eziteshini ezinkulu.
Engizoqala ngaye u-Ayanda Ntuli okwi-Vibe FM KwaMashu, nozakwabo uLwazi “Mlwazeth” Mdladla.
Laba bobabili kuningi okuhle abakwenzile emsakazweni futhi okungaqhubeka kwakhe igama elihle emisakazweni abangaba yingxenye yayo.
U-Ayanda ube ngomunye wabantu abangene emsakazweni eze njengomfundi wezindaba kodwa manje usengene shi ekubeni umethuli wezinhlelo kulo msakazo nokuba uphrojusa.
U-Ayanda sekuneminyaka eyibambile futhi okuhle ngaye ukuthi akapheli amandla yize ingakamveleli inhlanhla emisakazweni emikhulu, ulokhu eyibambile kweyomphakathi.
UMlwazeth ngithanda indlela athanda ngayo ukuthuthukisa intsha ezamayo, lokho ngikubona njengento engafike ishayelwe ihlombe uma efika emisakazweni emikhulu, amaciko asafufusa afisa ukuyibona njengoba nawo esuke ezama.
Le nsizwa inomcimbi wezindondo lapho iklomelisa khona amaciko asathuthuka iphinde ibe nomcimbi lapho inika khona amaciko asathuthuka imali yokuthi aqhubeke nokuzama.
Lena yinto enhle futhi edinga ukuthuthukiswa iyiswe kwelinye izinga.
Omunye umsakazi engibona sengathi angafika enze kahle emsakazweni umsakazi weZululand FM, uMC Gwajo.
Engikuthanda ngale nsizwa esencane ukuthi uma uyilalele, awuyingabazi ukuthi iyayithanda into eyenzayo.
Uhlelo lukamaskandi alusakaza kulo msakazo lunabalandeli abaningi, angafika emsakazweni omkhulu enze ezibukwayo.
Omunye engithanda ukumncoma ngomsebenzi wakhe emsakazweni womphakathi uMbongeni Mthwane wohlelo iThe breakfast with Mbongeni Show, emsakazweni iRadio Sunny South 97:00 FM.
UMbongeni uzinikele kakhulu ohlelweni lwakhe futhi luyalaleleka usuku nosuku.
Baningi engingababala kule ngosi, kodwa ngiyathemba ukuthi ukuzikhandla kwabo kuzozala impumelelo njengoba umsebenzi abawenzayo ngelinye ilanga uyothela izithelo abazifisayo.
Uma ungumsakazi ufisa ukuzibona kule ngosi ungangithumelela i-email [email protected]