CHARLES KHUZWAYO
ABASAKAZI abachayiswa wuKhozi FM, bathole ikhaya elisha emsakazweni omusha ozinze eNewcastle, iMvula 98.5 FM.
UMinenhle "Minimizer" Masondo noNqobile "Modelkaz" Dlamini, bangabanye babasakazi abaphumelele inhlolokhono ebiyenziwa nguLinda "Mr Magic" Sibiya eBlack Rock Casino, eNewcastle, ngoMgqibelo.
Zizokhunjulwa lezi zintokazi zingene umqhudelwano obekuhloswe ngawo ukuthungatha umsakazi wesifazane. Njengamanje sezizojoyina uMr Magic ongumsakazi wokuqala walesi siteshi senyanga yasoSizweni, khona eNewcastle, uPhumlani "Dkt Mngcwab'uyahlehla" Dlamini. Lo msakazo owenza inzuzo uzobe uqhudelana KwaZulu-Natal neGagasi FM, iVuma 103 FM ne-East Coast Radio.
UMinenhle (31) waKwaNongoma uthe ukujabulele kabi ukuqashwa yisiteshi esisezingeni eliphezulu ngoba abantu bazokwazi ukulizwa kahle ikhono lakhe.
"Ithuba ekade ngalilangazelela leli. Ngiyazi abalandeli bami bazokujabulela kakhulu ukungizwa emsakazweni omkhulu," kuphetha uMinenhle
UMinenhle usenamava okusakaza njengoba esebuya kwiZululand FM nakwiNongoma FM kodwa kulezi zinsuku usakaza kwiRise FM yaseMtubatuba. UNqobile (23) waseDumbe, uthe usekujahe kabi ukuveza ikhono lakhe. Naye unamava kulo mkhakha njengoba esebuya kwiSiyathuthuka FM futhi waze waqokwa nakumaSatma Awards.
Ubuye abe nguDJ owakhipha umucu we-house osihloko sithi Inhlonipho. Uthe abalaleli beMvula FM ubafihlele induku emqubeni. UMngcwab'uyahlehla uthe sebemi ngomumo futhi bayaqala ukusakaza ngenyanga ezayo kodwa bazoqala ngokubaqeqesha abasakazi ngaphambi kokubafaka emoyeni. Uthe kunabanye abadumile abazobaveza uma sekusondele usuku lokuqala emoyeni.