OWAYENGUMSAKAZI nophinde abe ngumlingisi uThando "Thabooty" Thabethe, uthi akafuni ukuyikhulumela eziko eyezinhlelo anazo ngokusakaza.
Sekuyophela cishe unyaka agcina ukusakaza emuva kokushiya kwi-5FM ngoMashi nyakenye. Muva nje, usanda kufaka isithombe sakhe esakaza kwi-5FM ezinkundleni zokuxhumana wabhala ukuthi uyawukhumbula umsakazo.
"Angikwazi ukwenza izithembiso ngomsebenzi wami emaphephandabeni, angifuni ukuphawula kakhulu," kusho uThando ekhuluma neSolezwe.
Emuva kwezindaba zokuthi ligqabukile igoda phakathi kukaDJ Fresh no-Euphonik nesiteshi abebesisakazela i-947, kukhona abaphakamise ukuthi uThando angene kwesinye sezikhala.
Baqale bamiswa oDJ, emuva kokuvela kwezinsolo zokuhlukumeza ngokocansi okugcine bememezela ukuthi umshushisi unqume ukungaluqhubi udaba lwabo ngenxa yokwentuleka kobufakazi.
Bafuna ukuthi uThando avale isikhala sikaDJ Fresh, obenza uhlelo lwantambama phakathi nesonto ngo-3 kuya ku-7 ntambama noMantsoe Pout. Kuthiwa yena noMantsoe bangabangani abakhulu.
Umsakazi woKhozi FM uSelbeyonce Mkhize, ungomunye wabathi uThando kumele avale isikhala sikaDJ Fresh.
"Ngingakuthanda ukuthi abangani abakhulu bashayele uhlelo lwantambama ndawonye. Yinikeni uThabooty," kusho uSelby kuTwitter.
Omunye uYaya Mavundla, okhulumela osaziwayo abahlukene weseka lo mbono.
Ngesikhathi eshiya kwi-5FM lapho ayenza khona uhlelo lwantambama phakathi nesonto, lo msakazi waveza ukuthi useyogxila kwezinye izinto. Uqale i-podcast kwiYoutube futhi ungenisile nasekulingiseni.