BAYAVEVA abaphathi beGagasi FM ngemuva kokushiya isigubhukane kwezithenjwa zabasakazi uSphectacula noDJ Naves okumenyezelwe izolo ukuthi bajoyina iMetro FM.
Isitatimende esikhishwe yiGagasi izolo ntambama abaphathi bazwakalise ukunengeka ngesenzo seSABC sokuhlwitha abasakazi babo izinkontileka zabo zingakapheli.
Sithe iSABC isikwenza isibili lokhu zingakapheli izinyanga eziyisithupha.
“Sixoxile nabasakazi abathintekayo ngokusheshe banqamule izinkontileka zabo nangomthelela ozoba khona ngakwezomthetho ngokwezinkontileka zabo neGagasi njengoba kwenzekile ezinyangeni ezimbalwa ezedlule,” kusho isitatimende seGagasi.
Igagasi likhuluma ngesigameko sezinyanga eziyisithupha nje Ukhozi FM, lusanda kuhlwitha uKing Sfiso noMzokoloko kusona lesi siteshi. KwiMetro uSphectacula noNaves bazokwenza uhlelo lwantambama phakathi nezinsuku iThe Kings Suite oluzongena ngo-3 luphele ngo-6 ntambama.
Kulona bazobe behambisana noRelebogile Mabotja ozofunda izindaba, kuthi kwezemidlalo kube * -Angie Khumalo. Kuthi ithimba ebelenza uhlelo lwantambama kwiMetro FM, liye kolwasekuseni njengoba uhlelo seluzoshayelwa uMoflava kusuka ngo-5 kuya ngo-9.
Izindaba kulolu hlelo zizofundwa uPearl Shongwe ezemidlalo zenziwe * -Owen Hannie. USphectacula noDJ Naves bebenza uhlelo iKings Drive.
Bajoyine iGagasi eminyakeni emibili edlule besuka kuyona iMetro FM lapho babenza uhlelo iPre Party obelungena ngo-6 kuya ku-9 ebusuku ngoMgqibelo. Ekhuluma ngemuva kwesitatimende esikhishwe iSABC uNaves, uthe ujabule ukubuyela “ekhaya” njengoba esenomndeni wakhe.
“Ngikhule ubaba esebenza kude. Namanje usekhona lapho. Nami bekungangihleli kahle ukuba kude nezingane zami kodwa ngakhetha umsebenzi. Into ebengihlala ngiyisho ukuthi angithandi ukuhlukana nezingane zami futhi ngalokho angizisoli nakancane ngesinqumo engasithatha sokuza eThekwini ngizosebenza,” kuchaza uNaves.
Uthe ukubuyela kwiMetro FM kufana nokukhula kodwa okukhulu wukuphinde bahlangane nabalandeli babo.
“Siyabonga kakhulu ukwamukeleka KwaZulu-Natal, siyabonga kubalaleli beGagasi nabaphathi bakhona basiphathe kahle kakhulu. NgoLwesihlanu (namhlanje) sizobe senza uhlelo lwethu lokugcina sivalelisa kulo msakazo njengoba ngoMsombuluko siyoqala kwiMetro,” kuchaza uNaves.
Uthe ngeke bashintshe okuningi njengoba bazakhela igama baziwa ngeKings of the Weekend (KOTW) namanje basabuya nalowo mfutho.
Bebedume nangamanoni okubalwa kuwo iBhampa, KOTW Anthem eyaziwa ngokuthi ngicishe ngafa namanye.