NGIZWE abanye bezwakalisa ukungenami kwabo ngesenzo somsakazi woKhozi FM uZimiphi “Zimdollar” Biyela sokuncoma i-albhamu entsha kaKhuzani.
UZimdollar uqophe ividiyo lapho evele khona ephethe i-albhamu kaKhuzani entsha.
Kule video kubonakala ngathi usestudiyo soKhozi FM lapho esakaza khona uhlelo lukamaskandi nokuwumculo oculwa nguKhuzani.
UZimdollar naye wethula uhlelo lukamaskandi.
Ngibone abanye ezinkundleni zokuxhumana bethi lesi yisenzo esinganambithisiseki kwazise kuzoba ngathi ucheme noKhuzani ekubeni njengomsakazi kamaskandi kumele athathe bonke abaculi ngendlela elinganayo.
Kukhona noze wangifonela ebuza umbono wami ngalesi senzo.
Ngiyasizwa lesi sikhalo, ikakhulu ngoba umaskandi wumculo okunokuncintisana okukhulu kuwo futhi cishe bonke abaculi bayafuna ukudlala kuKhozi FM.
NoTshatha wake wazithola esephendula kabuhlungu umuntu kuFacebook ngemuva kokumsola ngokuthi ucheme naye belu uKhuzani waze wamiswa nasemsebenzini.
Mhlawumbe into eyinkinga ngesenzo sikaZimdollar wukuthi uqophe le vidiyo esestudiyo soKhozi nokungase kube ngathi wumbono noma uthunywe yisiteshi ukuyenza.
Kodwa futhi ngake ngambona eshutha amavidiyo egidela izingoma zabanye abaculi nokukhombisa ukuthi ungumthandi womculo ngaphambi kokuba wumsakazi.
Abasakazi bayazincoma nje izingoma emoyeni ngemuva kokuzidlala uma bezithandile akukaze kube khona nkinga.
Abasakazi bezinye izinhlelo bayazincoma izingoma noma ama-albhamu abuye adlale ezinhlelweni zabo kodwa akukaze kube khona nkinga.
Okumele sikuqonde ukuthi abasakazi bafika sebehlelwe izingoma ezidlala ezinhlelweni zabo ngakho ngisho umculo bangamthanda kangakanani kodwa abanawo amandla okuvele bazidonsele izingoma bese beyazidlala ngoba nakhu bezifela ngaye.
Mhlawumbe lapho abanamandlana khona yisekubonisaneni nomdidiyeli ukuthi umculi othize kumele bambize ohlelweni baxoxe naye ngesihloko esithile.
Kukuwe kodwa ukuthi uyibona kanjani le ndaba. Njengoba mina ngisho, ngiyazizwa izikhalo kodwa ngakolunye uhlangothi angiyiboni inkinga.
Ungangibhalela [email protected], kuTwitter @fanelebengu noma kuFacebook Fanele Bengu