AKUCACI ngekusasa likaSiyabonga "Siya" Mhlongo emsakazweni Ukhozi FM, njengoba kuzophela lo nyaka engazwakali emoyeni.
NgoLwesithathu iNkantolo yeMantshi yaseThekwini iphinde yalihlehlisa icala abhekene nalo lokushaya alimaze umlisa (29) owayeyisinqandamathe sakhe. Inkantolo ithe icala ilihlehlisela uJanuwari 8 2025 ngenxa yokuthi isaqoqa izitatimende ezeseka ubufakazi bommangali nommangalelwa.
USiya (40) ubevele phambi kweMantshi uMnuz M Sibiya noMshushisi uNkk S Hoosen.
Kwenzeka lokhu nje Isolezwe lihabule ngemithombo yalo ukuthi uSiya, ongaphandle ngesixwayiso, useke wanikela emahhovisi eSABC ngenhloso yokucela ukubuyiselwa emoyeni kodwa abaphathi boKhozi bashaya phansi ngonyawo bathi udaba lwakhe bayoze balumunyunge uma sekudlule icala abhekene nalo.
Ekuqaleni okhulumela iSABC, uMmoni Seapolela wathi uSiya uyena owazicelela ukuhoxa ekusakazeni uhlelo alusakaza phakathi nezinsuku ngo-8 ebusuku, Ubusuku Obuhle.
Ebuzwa ngoLwesibili ukuthi kuyiqiniso kangakanani ukuthi uSiya unqatshelwe ukubuyela emoyeni, uMmoni uthe abaphathi boKhozi basamile emgomweni wokuthi izindaba eziphakathi kwabo nabasakazi abazidingidi nemithombo yabezindaba noma esidlangaleni.
USiya wazinikela emaphoyiseni ngoSepthemba 6 emuva kokuvulelwa icala lokushaya ngobeyisinqandamathe sakhe ngo-Agasti 31 kulo nyaka.
Ngalolo suku kwasabalala ezinkundleni zokuxhumana ama-video ayeveza lo msakazi nalo mlisa owayegxaza igazi ebusweni.
USiya wayezwakala enxusa lo mlisa ukuba agibele emotweni ukuze amphuthumise esibhedlela kodwa ummangali wayenqaba. Lo mlisa wasola uSiya ngokumshaya ngenxa yokugajwa yisikhwele ngoba ebone ummangali evalelisa kwenye Indoda ngokuqabulana emoyeni.
Babebuya kogubha usuku lokuzalwa lukaSiya kwenye yezindawo zobumnandi eThekwini.
Ummangali wathi kwakungaqali ukuba uSiya ambeke isandla. USiya waphika walala ngomhlane ukuthi uyena owashaya ummangali kodwa wazivikela ngokuthi babedunwa imoto.
Kuyacaca ukuthi uSiya, oke waqopha umlando ngokusakaza kuKhozi nakwiMetro FM, uzokuba noKhisimusi omnyama njengoba selokhu agcina ukusakaza ngo-Agasti walo nyaka. Njengoba eyitoho, uhola ngamahora awasebenzile.
Njengamanje uhlelo lwakhe lungubhandemtshelekwana njengoba kusagida kudedelana ozakwabo okubalwa kubo uNozipho Zulu, Londa Mbatha, Zama Mseleku, Lee Hlophe, Bingelela Mpanza nabanye.