NGEMPELASONTO, imithombo yami ingihlebele ukuthi uTbo Touch uyabuya kwiMetro FM njengoba wayethandwa futhi elandelwa ngabaningi.
Lo msakazi washiya lesi siteshi enza uhlelo lwantambama ngo-3 kuya ku-6, phakathi nesonto. Wasebenza noGareth Cliff benza iTouch Central ngaphambi kokuzisungulela esakhe isiteshi esasitholakala kwi-internet.
Kusuka ashiya kwiMetro FM, kulokhu kunesikhala ezinhliziyweni zabalandeli bakhe kwazise abanye bebengakwazi ukumuzwa esesiteshini sakhe ngenxa yokuthi kumele bathenge idata kanti iMetro idlala mahhala.
Iqiniso ukuthi uTbo Touch wayenenqwaba yabalandeli futhi ukubuya kwakhe kuzoba nomthelela omuhle ngoba wayenamaqhinga okwenza izinto zenzeke.
Futhi manje akusafani nakuqala, imisakazo isincintisana nama-podcast nezinye izinto ngakho uyadingeka umuntu onobuhlakani bokuheha abalaleli.
Ukubuyiswa kwakhe kungenza ngizibuze ukuthi uLinda “Mr Magic” Sibiya yena kungani enganikwa elinye ithuba kuKhozi FM? Phela naye wahamba esathandwa, enza uhlelo lwasekuseni phakathi nesonto. Naye wayengakathandi ukuhamba futhi lokhu kusayisilonda kuye njengoba nakuTbo Touch kwakubuhlungu ukuthi wahamba engavalelisanga.
Naba abanye abasakazi bayahamba babuye. URobert Marawa uhambile kwiMetro FM waphinde wabuya. I-The Kings of the Weekend, uSPHEctacula noNaves, bahambile baphinde babuya.
U-KCI August kuMhlobo Wenene wahamba wabuya. UNomalanga Shozi kwiGagasi FM, bamkhulula waphinde wabuyiswa.
Kulona Ukhozi, uZimdollar wahamba wangena kwipolitiki kepha waphinde wabuya.
UMr Magic yena kungani enganikezwa ithuba lesibili kuKhozi FM? Ngikholwa ukuthi sisekhona isikhala sakhe futhi abalaleli bangajabulela ukumuzwa.
Ungangibhalela [email protected], kwiTwitter @FaneleBengu noma kwiFacebook Fanele Bengu